IPHENDUKE ihlaya i-DA kuMasipala weTheku emuva kokwehluleka komzamo wayo wokuhlakaza umkhandlu ngoba ikhala ngokuthi wehluleke wancama wukuhambisa izidingo kubantu.
Bangu-75 abavotele ukuthi kuhlakazwe umkhandlu kwase kuthi abangu-128 bavotela ukuchitha isiphakamiso.
I-DA ikhale ngaphansi esiphakamisweni sayo sokuhlakaza umkhandlu emhlanganweni obuse-ICC, eThekwini, izolo. Kuqale kwaqedelwa umhlangano owagcina unqanyuliwe kwase kungenwa odabeni lwe-DA.
UMholi wekhokhasi ye-DA eThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, wethule udaba wathi bafuna kuhlakazwe umkhandlu ngoba i-ANC ihluleke yancama.
“Yisikhathi sokuthi sizibuze ukuthi ngabe abantu baseThekwini bayakuthola yini lokhu okufanele imali yabo? Akusona isikhathi sokuthi siveze ukuzondana kwethu manje kodwa kumele sibambane seseke lesi siphakamiso,’’ kusho uMthethwa.
Amakhansela asole i-DA ngokuzama ukubukwa ngesikhathi sokhetho ibe imosha imali yabakhokhi bentela ngokufaka iziphakamiso abathe azithi shu. UMnuz Nkosenhle Madlala we-ANC, uxwayise ngokumoshwa kwesikhathi nemali.
“Lezi zinto enizenzayo zimosha imali yabakhokhi bentela, nisebenzisa imithetho kabi. Siyanixwayisa ukuthi nathi uma kubuywa sizoyenza le nto, ningakhali,’’ kusho uMadlala.
UMnuz Thanduxolo Sabelo we-ANC naye ugxeke i-DA eyisola ngokwenza into engekho.
“Bazi kahle ukuthi uma ufuna ukuhlakaza umkhandlu udinga iningi emkhandlwini. I-ANC izohlala iqinisekisa ukuthi imali yabakhokhi bentela ayimosheki ngento engekho. Kuningi nje okwenziwe yi-ANC yenzela abantu baseThekwini,’’ kusho uSabelo.
Ikhansela le-Action SA, uMnuz Zwakele Mncwango, nakuba livote nayo i-DA kodwa belikhala ngokuthi iyaganga.
“Siyavuma ukuthi umkhandlu usenkingeni futhi ubuholi abukho kodwa i-DA idlala ipolitiki ebhedayo nje. I-DA yenze le nto ifuna ukubukwa, bafuna ukuvela njengabantu abenza okuthile,’’ kubeka uMncwango.
I-EFF nayo ihambe emazwini amanye amakhansela ithi iyasichitha isiphakamiso. Ithe ngeke nje ize ihambisane ne-DA ngoba iyaziwa ukuthi inomlando onjani. I-DA ivamile nokufaka iziphakamiso zokuthi kuketulwe imeya kodwa ikhale ngaphansi.