UNOBHALA Jikelele we-ANC osamisiwe emsebenzini, uMnuz Ace Magashule, usenqunyelwe ugwayi katiki ukuba axolise ngokubhala incwadi yokumisa uMengameli wale nhlangano, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Umhlangano wesigungu esiphezulu osongwe izolo, unikeze uMagashule isikhathi esingadalulwanga ukuba axolise ngokubhala leyo ncwadi noma abhekana nokuqondiswa ubugwegwe.
Lokhu kuvezwe nguRamaphosa obethula inkulumo yokuvala umhlangano wezinsuku ezintathu wesigungu esiphezulu, izolo.
URamaphosa uthe uMagashule wayengenalo igunya lokubhala incwadi.
“Umhlangano wesigungu esiphezulu uvumelene ngokuthi indlela aziphathe ngayo uNobhala Jikelele (osamisiwe), kayamukelekile futhi ingukuphula imithetho ye-ANC. Uma ehluleka ukuxolisa kulesi sikhathi asibekelwe, i-ANC izomthathela izinyathelo zokumqondisa ubugwegwe ngokulandela umthethosisekelo wenhlangano.”
UMagashule wayibhala le ncwadi emuva kokuba kuputshuke incwadi emmisa emsebenzini we-ANC.
UMagashule wamiswa emsebenzini emuva kokuba kuphele umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-30, ayezinikeziwe nabanye abaholi be-ANC, ababhekene namacala, ukuba bashenxe ezikhundleni abakuzo .
UMagashule ubhekene necala lenkohlakalo, elithinta ithenda kaR230 million yokushintshwa kophahla lwezindlu ezifulelwe ngetsheboya eFree State. Ithenda yakhishwa ngesikhathi esengundunankulu kulesiya sifundazwe.
URamaphosa uthe njengoba uMagashule esamisiwe emsebenzini, akanalo ilungelo lokwenza umsebenzi wenhlangano noma ukumela i-ANC, ukukhuluma izindaba ezithinta iqembu noma ukukhuluma emihlanganweni yabalandeli beqembu.
URamaphosa uthe njengoba uMagashule esamisiwe emsebenzini, iPhini likaNobhala Jikelele, uNksz Jessie Duarte, yilona elizobamba esikhundleni sikaMagashule.
Ukugxekile ukuhlaselwa kukaNksz Duarte nabanye abasebenza kule nhlangano, abanikwe umsebenzi wokuba benze isiqinisekiso sokuthi bonke ababhekene namacala bayashenxa ezikhundleni.
“Bahlaselwe ngokuthi basabiswe, bathukwe nokuthi kusabalaliswe amampunge ngabo. Kuyasikhathaza ukuthola ukuthi umgqugquzeli wesigungu esiphezulu, uMnuz Andries Nel, yena usabiswe ngokuthi uzobulawa. Sesimyalele ukuba abike lolu daba emaphoyiseni.”
URamaphosa uthe baningi abaholi be-ANC asebeshenxile ezikhundleni, abanye bathunyelwa izincwadi zokubamisa emsebenzini emuva kokuthi behlulekile ukushenxa ungakapheli umnqamulajuqu ababewunikiwe.
Phakathi kwabamisiwe kubalwa nelungu lesigungu esiphezulu, uMnuz Bongani Bongo, naye obhekene necala lokukhwabanisa.
URamaphosa uthe bonke laba baholi abamisiwe nabashenxile ezikhundleni bazoqhubeka nokuhola ngoba imithetho elawula ezokuphathwa kwabasebenzi kayikuvumi ukuthi kumiswe imiholo yabo.
Ubuye waveza ukuthi iyaqhubeka imihlangano yamagatsha yokulungisela izingqungquthela zokukhetha ubuholi bezifunda.
URamaphosa uthe amagatsha angaphezu kuka-2000 asebe nayo imihlangano yawo yokulungiselela izingqungquthela.