BANIKWE umnqamulajuqu oyinyanga eyodwa abakuleli ngokungemthetho abanezitolo enkabeni yedolobha eGoli, ukuba baqoqe izikhwama zabo balibhekise emazweni abaqhamuka kuwona.
Inhlangano i-Operation Dudula, inikeze abakuleli ngokungemthetho umnqamulajuqu wenyanga ukuba baphume baphele kuleli.
Izolo, izinkumbi zamalungu ale nhlangano zibe nemashi kweminye yemigwaqo ephithizelayo eGoli, uLillian Ngoyi, obuwaziwa ngoBree Street, lapho khona zikhalaze ngokuthi inqwaba yezitolo ziphethwe ngabakufika.
Ababhikishi bathe bafuna ukubuya inkinga isilungisiwe ngenyanga ezayo.
Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-Operation Dudula, uNksz Zandile Dubula, uthe akusikhona okuqala bebhikisha, bekhala ngenkinga efanayo.
"NgoMeyi wangonyaka owedlule, saba nombhikisho kuyona le ndawo lapho sasikhala ngezinto ezifanayo. Sahambisa uhlu lwezikhalazo kwimeya.
“Lokhu kusho ukuthi kungokwesibili simasha kodwa izikhalazo zethu azisukunyelwa. Manje sishaya ngonyawo phansi. Bazohamba la bantu! Angeke siphinde sibuye la sizokhala ngento efanayo.”
Ababhikishi bakhale ngokuthi labo abakuleli ngokungemthetho bancintela izakhamuzi zakuleli amathuba omnotho.
Emva kwemashi, ababhikishi babe sebenikela kwelinye lamahhotela eliseCarlton Centre, lapho bebekhalaza ngokuthi kuqashwa kakhulu abantu bokufika.
Usekela sihlalo we-Operation Dudula, uMnuz Dan Hadebe, uthe bathole ukuthi bonke abasebenzi bakuleli hotela bangabokufika.
“Asikhathali noma kungathiwa bakuleli ngokusemthethweni, ayikho inkampani evunyelwe ukuba iqashe kuphela abantu bokuvika.”
UHadebe uthe uma leli hhotela lingafuni ukuqasha abantu bakuleli, kuzofanele lithuthe.
Uthe basazoqhubeka nemikhankaso yabo elwa nokuqashwa kwabakuleli ngokungemthetho.
Ngempelasonto, amalungu e-Operation Dudula aqinise kakhulu umkhankaso wawo njengoba ngoMgqibelo ebe nemashi kwenye yezindawo ekhungethwe wubugebengu, eHillbrow.
EHillbrow kugcwele kakhulu abokufika, kanti ubugebengu obudlange kakhulu kuyo wukushushumbiswa kwezidakamizwa, ukudunwa kwezakhiwo nokudunywa kwezimoto.
Ibisibhuntshe kabili imizamo yabo yokumasha eHillbrow.
UNksz Dubula, uthe bekubalulekile ukuthi bagcine bemashile emigwaqweni yaseHillbrow.
“Bekunokukhuluma okuthi angeke sikwazi ukumasha eHillbrow. Bekubalulekile ukuthi sikhombise ukuthi yithi esiphethe la njengezakhamuzi zakuleli lizwe.”
#OperationDudula these are not thugs these are ordinary South Africans fighting for a better tomorrow for all south Africans. pic.twitter.com/7IpFZm6EGI
— Cllr Sticks Malebo (@_Sticks) February 19, 2022