BAZOWUCHAMA bewuphuze abanikazi bezimoto ezizimele ezizoqhubeka ukulayisha ngenkani abagibeli kusoseshini iSt Wendolin’s & Klaarwater, emuva kokuba bethunyelelwe umyalezo wokuthi lokhu ngeke kusenzeka kusukela ngoMsombululo ozayo.
Izolo isimemezelo sale nhlangano esisabalele ezinkundleni zokuxhumana besikubeka kucace ukuthi izimoto ze-Uber, ukugibelisana nihlangane emotweni eyodwa okudume ngokuthi i-lift club, i-Yo Taxi, iBolt nama-Avanza athutha abantu ngokungekho emthethweni akusabadingeki endaweni yabo ngoba kuphazamisa umsebenzi kasoseshini.
Incwadi ebonwe Isolezwe ibibhalwe kanje:
“ Okusikhathazayo izimoto zethu zipakile emakhaya azisebenzi zonke ngenxa yokubheda komsebenzi. Kusukela ngoMsombuluko (Agasti 9), asisafune kubona zimoto zenu zisibangisa ngomsebenzi , ozoqhubeka ngenkani uzozibona ukuthi ufana nobani. Siyabonga ukubambisana okuhle,”
Kuthintwa ophethe ezokuxhumana kulo soseshini uMnuz Pino Khwela ukuqinisekisile lokhu wathi isinqumo esithathwe usoseshini emva kokubona izinto eziningi ebezingahambi ngendlela.
“ Sikhishwe inhlangono isaziso. Okwenzekayo izimoto ezisebenzayo akuzona ezasendaweni, futhi eziningi ezabolunye uhlanga. Ngokuzwa kwethu uma bengawenzanga uR2 500 ngosuku, baphuca abantu amafoni nemali. Ubugebengu obenziwa ileziya zimoto bukhulu. Abanye baphoqwa ukukhipha ama-pin amakhad kuthathwe imali. Beboshelwa ezihlahleni abagibeli bethu. Size sathi uma kukhona ofisa ukulandela le nto akafike ngo-10 ngoLwesihlanu emahhovisi ethu azolalela. Noma yimuphi umuntu onalokhu esesikuvalile ukuba kusebenze lana,” kusho uKhwela.
Elandisa Isolezwe uthe umsebenzi wabo wonakele kakhulu manje.
“Izimoto zethu, uhhafu wazo azisebenzi, abantu abasagibeli, bahamba ngalezi zimoto. Bagcina bengasafaki isicelo (request). Sebenabantu babo ababathathayo njalo ngalezi zimoto. Umuntu usesebenza ukuqoqa abantu njalo ekuseni nantambama abagibelise. Okunye esikutholile ukuthi babagibelisa ngayo imali lena esiyikhokhisayo nathi,” kusho uKhwela.
Isolezwe liphonsa imibuzo ngodala lwama-Avanza okuvele ukuthi abevele esebenza endaweni bathe:
“ Kukhona ama-Avanza avela ngaphandle, angaphansi kwenhlangano kumele baqhubeke besebenze bona. Nomalume abathutha izingane nabo banemvume ngoba bangaphansi kukasoseshini. Laba abanye abangenazo izimvume ibona abangeke besasebenza lana,”
Abadelela umyalelo kasoseshini kuthiwa bazobhekana nomthetho.
“NgoMsombuluko kuzoqala lolu hlelo. Sibambisene namaphoyisa ase-Mariannhill, azolekelela ukuze baqondane nomthetho esizobabamba nje bephuma le mithetho esibekiwe. Inhloso yethu ukuivikela abagibeli, sisebenzisana nawo amaphoyisa impela,” kusho uKhwela.
Kuthintwa iMenenja yeSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, ithe ngoba isinqumo esithathwe usoseshini ngeke bephawule kakhulu ngaso ngoba ibona abazi indlela yokusebenza kusoseshini.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebehlukene phakathi, abanye bethi lesi saziso sinokusonga phakathi abanye bekhala ngokuthi lokhu sekubaphoqa ukuba bagibele amatekisi kuphela.