IHOXISIWE incwadi ebimisa ukuqashwa kwabamhlophe ezikhundleni zokuphatha eDischem, emuva kokuthi ibhodi lale nkampani yamakhemisi lithe ibingalandelanga imigudu efanele yezokuxhumana.
i-DISCHEM izidonsele emanzi ngomsele igxekwa ngabamhlophe abasabise ngokuyiduba uma imisa ukuqashwa nokukhushulwa ezikhundleni kozakwabo abamhlophe.
Inyunyana iSolidarity isabise ngokuya enkantolo, ikhala ngokuthi kucwaswa abamhlophe. Ne-AfriForum ibisicele umhlangano ophuthumayo nezikhulu zeDischem.
IDischem ixolisile ngokuphuma kwencwadi, yathi mawehle amaphaphu kubantu ngoba ngeke kume ukuqashwa kwabathile.
Isikhulu esiphezulu seSolidarity, uDkt Dirk Hermann, sithe bayajabula ukuthi iDischem iyihoxisile incwadi yokumisa ukuqasha abamhlophe emuva kokuthi le nhlangano ikubeke kwacaca ukuthi izoya enkantolo.
“Sizoqinisekisa ukuthi akuhoxi kuphela incwadi kodwa nalo mthetho akade bewuhlongoza wokuqasha abathile kubandlululwe abanye, sifuna ume. Sibhalele iDischem incwadi ngoLwesihlanu, siyitshela ukuthi uma iqhubeka nokumisa ukuqasha abamhlophe sizoya enkantolo,” kusho uHermann.
Uthembise ukuthi bazoyiqapha ngeso lokhozi iDischem, ukuze uma iqhubeka nokungabaqashi abamhlophe noma ingabakhuphuleli izikhundla bathathe izinyathelo zomthetho.
Isikhulu esiphezulu se-AfriForum, uMnuz Kallie Kriel sithe sizoyibheka iDischem ukuqinisekisa ukuthi akuhoxiswanga incwadi kuphela kodwa nalo mthetho obandlulula abamhlophe.