UHULUMENI usuphakamise ukunyusela abasebenzi bakhe amaholo ngo-4.7% onyakeni wezimali u-2023/2024.
Lesi siphakamiso sethulelwe izinyunyana zabasebenzi emhlanganweni wangoLwesihlanu kodwa ezinye zalezi zinyunyana ziwudubile umhlangano zikhala ngokuthi uhulumeni ngonyaka odlule wezimali uzinyusele ngenkani ngemali ebezingayifuni.
U-54% wezinyunyana ebezikhona emhlanganweni kanti ezinye izinyunyana ezidlelana neCosatu ziwudubile umhlangano zasabisa ngokuthi zizofaka isexwayiso sokuthi zifuna ukuteleka.
Zisabise ngokuthi zizobhikisha eKapa uma uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, esethula isabelo sezimali ngoLwesithathu.
Umengameli weNatu uMnuz Sibusiso Malinga, uthe njengoba benobudlelwano nenyunyana iHospersa, bebeyingxenye yezingxoxo wathi abazokwenza ukuthatha isiphakamiso sikahulumeni basiyise kumalungu abo.
Uthe noma bengeneme ngokuthi uhulumeni wabanika ngenkani imali ababengayifuni, kodwa bazoqhubeka balwe.
“Sizoba sezingxoxweni sibe simkhubuza umqashi ukuthi sifuna okungokwethu. Ezinye izinyunyana azibanga ikhona ngoba zikhala ngokuthi uhulumeni kudala enza okuphambene nokusuke kuvunyelwene ngako,” kusho uMalinga.
Isiphakamiso sikahulumeni samaholo ngo-2024/2025 sifaka ukunyusa amaholo ngo-6.5%.
Nangonyaka olandelayo u-2025/2026 uhulumeni uphakamisa ukunyusa amaholo ngo-6.5%.
Kuzokhumbuleka ukuthi onyakeni wezimali okunomsindo ngawo u-2022/2023 uhulumeni wafaka ngenkani u-3% wokunyusa amaholo ekubeni zona zazifuna ukunyuselwa amaholo ngo-7%.
Uhulumeni waphinde wakhokhela abasebenzi uR1 000 ongukheshi njalo ngenyanga.
IPublic Servants Association (PSA), enamalungu angu-235 000, ayibalwa ezinyunyaneni ezidube umhlangano.
IPSA ikugxekile ukufakwa ngenkani kuka-3% yathi kubalulekile ukuthi zisheshe ziqale izingxoxo zamaholo.
Ithe kunobungozi bokuthi uhulumeni uzohoxisa u-R1000 awunika abasebenzi nyanga zonke ekupheleni kwenyanga ezayo, yingakho kumele kubekhona okuzongena esikhaleni sale mali.
“Siyasihlonipha isinqumo sezinye izinyunyana sokungabi yingxenye yezingxoxo. Yingakho sisezingxoxweni kanti sizogqugquzela nezinye izinyunyana ukuthi zibe khona,” kusho isitatimende sePSA.
UMnuz Simon Hlungwani weDenosa, ngeledlule uthe bazobhikisha uma ongqongqoshe bezimali ezifundazweni sebethula izabelo zezifundazwe.
Uthe bekumele uhulumeni ahlale nezinyunyana phansi bavumelane ngaphambi kokuqala kwezingxoxo ekubeni kusanezinto abasakhala ngazo esivumelwaneni esidala.
ISadtu ibimatasa KwaZulu-Natal ngeledlule ihambela amalungu ayo ezifundeni ezehlukene ifuna ukuthola umbono wawo ngakufunayo kulezi zingxoxo zamaholo.