AMABUTHO aKwaZulu, athi alinde izwi lendlunkulu ngozongena ngokugcwele esihlalweni esishiywe yiSilo Samabandla Wonke, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Izinduna zamabutho zinqabile ukuphawula ngamahlebezi omdonsiswano ngozongena kulesi sikhundla.
Njengamanje kusabambe iNdlovukazi Mantfombi MaDlamini Zulu, okunemibiko engaqinisekisiwe ethi ungeniswe esibhedlela ngenxa yokudunguzela.
Kuningi ukuqagela ngongase aqokelwe kulesi sikhundla.
Izolo, izinduna zamabutho ziveze ukuthi zona zilindele izwi lendlunkulu ngalolu daba.
Umdidiyeli wamabutho aKwaZulu, uMnuz Mlandeni “Mgilija” Nhleko, uthe udaba lozongena kulesi sikhundla akusilo olokuxoxwa yibo.
“Thina sifana nezingane laphaya (endlunkulu). Thina kasizalwa yinkosi. Sizalwa ngobaba bethu, sase sinikezwa umsebenzi endlunkulu.”
UNhleko ukusho lokhu ngesikhathi exoxa nabezindaba ngaphambi komcimbi wezinduna zamabutho obuseThekwini izolo.
Izinkumbi zezinduna zamabutho zihlangane eThekwini izolo, lapho bezizobonga ukusinda obhubhaneni iCorona ngesikhathi kutshalwa iMbube.
Izinduna zamabutho zithe kuyisimanga ukuthi kulezi zinkulungwane zabantu ezazihlangene ukuyophelezela okaNdaba, akekho noyedwa okutholakale ukuthi ubulawe yiCorona.
Amabutho ayephume ngezinkani ukuyophelezela iMbube.
UNhleko uthe kwakungekhona ukuthi amabutho ayedelela imithetho ebekelwe wukulwa ngokusabalala kobhubhane, kodwa isimo sasiphoqa ukuthi aphume ngobuningi bawo.
“Kwakushone ilanga emini. Ayikho into esasingayenza. Thina sehluleka ukuma ekudeni. Ingani siyaye sithi sokufa lapho efa khona.
“Kwakungeke kulunge ukuthi kuphume leso sibalo sabantu abang-50 kuphela. Sasoyixoxa siyithini leyo nto uma sesixoxela izingane zethu, ukuthi inkosi yaphelezelwa ngabantu abangu-50 kuphela?”
Enye yezinduna, uMnuz Sipho Mhlongo, ithe babethukile emva kokutshalwa kweSilo, becabanga ukuthi baningi okuzotholakala ukuthi bahaqwe yiCorona.
“Salinda izinsuku ezingu-15 (emva kokutshalwa kweSilo), sase siyahlangana njengezinduna, saphinde sahlangana emva kwenyanga sibheka ukuthi akekho yini othintekile.
“Sathola ukuthi kubona bonke abantu ababekwaKhethomthandayo (esigodlweni), akekho othintekile. Akekho owake wakhwehlela.”