ISIGAMEKO sakamuva, lapho i-AfriForum ne-Solidarity bekhekhezele baya eMelika (USA) ukuyokhuluma ngezindaba zaseNingizimu Afrika, siyashaqisa futhi siyihlazo. Lesi senzo sikhombisa ukuthi lezi nhlangano kazinalo ulwazi olwanele ngomlando nepolitiki yezwe lethu.
Okubi kunakho konke, ukuthi ziye eMelika zingenalo ulwazi olwanele ngomthetho osanda kusayinwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ongodaba lomhlaba, owaziwa ngeLand Expropriation Act. Esikhundleni sokuthi zizihlomise ngolwazi olunzulu, abaholi bazo bafike eMelika basenga ezimithiyo ngokwenzeka eNingizimu Afrika. Bakhe isithombe esingelona iqiniso sokuthi abamhlophe abakhuluma ulwimi lwesiBhunu bayahlukunyezwa.
Ngenxa yokuxhamazela, uMengameli Donald Trump, uthathe izinqumo ezingenasisekelo, wakhuluma kabi ngeNingizimu Afrika, waphinde wamemezela ukuthi uzonqamula uxhaso lwemali olusuka ezweni lakhe. Ziningi zinto ezingamaphutha kulesi senzo.
Abe-AfriForum ne-Solidarity behlulekile ukufunda umgqigqo wezombusazwe. IMelika vele kayeneme ngokuthi iNingizimu Afrika yamangalela umholi waKwa-Israel, uMnuz Benjamin Netanyahu, eNkantolo yaMazwe yezoBulungiswa (International Court of Justice). Injalo nje ayijabulile neze ngobudlelwano obukhona phakathi kweNingizimu Afrika neRussia. Yingakho uTrump ebonakala ehlela izingxoxo noMengameli waseRussia, uMnuz Vladimir Putin, ngenhloso yokulungisa ubudlelwano beMelika neRussia.
Okunye, ukuthi uTrump wenza konke okusemandleni akhe ukucindezela uMengameli wase-Ukraine, uMnuz uVolodymyr Zelenskyy, amchaza njengongaphethe ngokwentando yeningi. Isimemo esikhishwe nguMengameli uRamaphosa emema uZelenskyy sokuba avakashele iNingizimu Afrika, kasehlanga kahle eMelika. Ngamafuphi, i-AfriForum ne-Solidarity abayiboni ipolitiki edlalwa yiMelika. Ngaphakathi ezweni, isenzo salezi zinhlangano sikhombisa ukungabi nalo ulwazi lokuthi amazwe omhlaba asebenzisana kanjani. Abantu abanelungelo lokuxhumana nohulumeni waseMelika ngqo nguRamaphosa noNgqongqoshe wezobuDlelwano nokuBambisana naMazwe angaPhandle, uMnuz Ronald Lamula. Uma kungenjalo, uMnuz Ebrahim Rasool oyinxusa leNingizimu Afrika eMelika, nguyena onamandla okuhlela imihlangano yala mazwe amabili.
Ayikho neyodwa into egunyaza i-AfriForum ne-Solidarity ukuthi baye ukuyokhuluma ngeNingizimu Afrika eMelika, ngale kokuvumelana nomengameli. Kungenzeka izinhlangano engizigagulile ngenhla zizivikele ngokuthi ne-ANC yayixhumana namazwe angaphandle ingagunyaziwe nguhulumeni ngesikhathi isalwela inkululeko. Umehluko ukuthi ngaleso sikhathi izwe lalingabuswa ngokwentando yeningi. Uhulumeni wengcindezelo wawenza umathanda kubantu abamnyama. AmaBhunu awagqilaziwe eNingizimu Afrika. Umthetho ngodaba lomhlaba awulwi namaBhunu kodwa ulwa nokuthi umhlaba usezandleni zedlanzana nokuyinto engahambisani nentando yeningi. Uma amaBhunu engenelisekile ngokuthile kufanele asebenzise izinhlaka zangaphakathi ezweni ukubeka izikhalo zazo.
Ukuya kwelinye izwe ngale kokuthi zisebenzise izinhlaka zangaphakathi akuwenzi umqondo. Lesi senzo sihlukanisa izwe phakathi kungenasidingo. Isithombe okungesona esakhekayo ngesokuthi amaBhunu ayahlukunyezwa eNingizimu Afrika. Yingakho uTrump ethi amukelekile ukuyohlala eMelika. Uhulumeni kufanele ulusukumele ngokushesha lolu daba. Okubi ukuthi i-DA - eyingxenye kahulumeni we-GNU - nayo yalibangisa eMelika ngaphambi kokhetho, iyofafaza izinkulumo ezingenasisekelo. Manje sekufanele ibe yingxenye yokulungisa isimo eyasiqalayo. Lokhu okungenhla kuvivinya amandla kaRamaphosa njengoMengameli. Isizwe sibheke ukuthi uzoyisingatha kanjani le ndaba. Ukuthula kwakhe kuzomveza njengomengameli ontekenteke.
Uma uhulumeni wokubusa ngokubambisana ungalusukumeli lolu daba uzolahlekelwa yisithunzi. Phezu kwalokho, uzogqugquzela abanye ukuthi benze okufanayo.