UMA abantu behlela umshado, enye into esuke iseqhulwini kusuke kuyindawo lapho bezobophela kuyo ifindo likasofasilahlane. Akugcini lapho, nemibala esuke izogqama ngalolo suku kanjano nohlelo lokuyihlobisa nakho kusuke kumele umuntu akunqume zisuka nje.
Ongoti abenza lo msebenzi bathi yize kulezi zinsuku kugcwele ubukhazikhazi bezindlela zokuhlobisa izindawo abantu abasuke bezoshadela kuzo, kodwa kubalulekile futhi kuyenza ibe lula impilo yakho ukwazi ukuthi ufuna hlobo luni lomshado nokuthi ufuna indawo ozoshadela kuyo ibukeke okwesimanje okuxutshwe nezindlela ezinhle zakudala nokunye okuningi.
UMnuz Sean Granger ongomunye wabenza lo msebenzi kwezinye zezindawo ezithandwa ngabantu eseMgungundlovu, iGranny House, ucebisa abahlela umshado ukuthi kungcono ukwenza yonke into yakho endaweni eyodwa.
Uthi lokhu kwenza nokuthi noma yini okanye noma iyiphi indlela ofuna kuhlobiseke ngayo, yenzeke kalula kwazise abezindawo okushadelwa kuzo basuke benesipiliyoni futhi benakho konke okuwuhlobo lokuhlobisa ngaleyo ndlela ofuna ngayo.
Uveze ukuthi abashadayo sebefuna izindawo ezihlotshiswe ngendlela ehambisana nabo kusukela ezitayeleni ezinezimbali ezihlelwe ngendlela yakudala yokuhlobisa kuya kwezihlotshiswe ngendlela yesintu.
Ubalule ukuthi izinkuni, amahlamvu, utshani, izimpaphe nama-quills kungaletha isigqi sase-Afrika emshadweni.
Le ndlela yokuhlobisa ingafakwa ngisho ezimemweni zomshado ngendlela ehlelekile.
Uthe nomlilo uyathandwa emishadweni yesimanje, ikakhulu abashada ngesikhathi samakhaza. Uthe lokhu ukwenza ngendlela yokuthi abantu behlale kumakhushini ahlotshiswe ngendwangu enemibala yedube noma yendlulamithi.
Uma kudliwa, abantu bafuna ama-potjie okuyizitshulu eziphekwa ekhaya ezinamazambane nenyama, kube inyama eyosiwe namasaladi. Ama-bunny chow, isitambu nenyama echochobalisiwe akusali.
Abaningi bathanda ukudlela ezitsheni ze-enamel okungamapleti nobheseni bensimbi nezimaki.
Uma abantu besafika kuthiwa bathanda ukudla umqwayiba, amakhekhe anosawoti bawacobhoze kwi-guacomole noma i-sweet chili dip.
Izibiliboco kungaba izithelo, ama-koeksisters, fizz pops, mosbolletjies, milk tart ne-malva pudding.
Abahambele umshado kuthiwa bangaphiwa izipho zamabhiskidi nama-rusk afakwe engilazini noma kube wubuhlalu, kungaba ama-frame ezithombe nomayibuthe abanamathela efrijini.
Nazi ezinye izitayela ezikhonzwe ngabantu ukuhlobisa emshadweni:
Vintage
- Ukuhlobisa ngendlela yakudala lapho oshadayo efuna ukugxila onyakeni osewadlula. Lapha kungahlotshiswa ngezihlalo ezindala ezibonakala ukuthi kudala zazisebenza. Ungaba neposi okuyilona izimenywa ezingafaka imiyalezo ezifisa uyithole ngalolo suku. Ungahlobisa nangemoto yakudala oyithandayo, kuthathelwe kuyona izithombe.
Whimsical
- Isitayela sokuhlobisa esihlanganisa imibala egqame kakhulu naleyo yakudala ejwayelekile emishadweni. Ungafaka amabhelunde nezimbali, ungaletha izihlalo ezinemibala ehlukene noma eziyisitayela esihlukene ematafuleni. Ungaletha nezipuni noma izinto zokudlela ezihlukene.
Modern
- Lesi yisitayela samanje sokuhlobisa esihlanganisa ama-geometric shapes, olayini abaqondile nokungabeki izinto eziningi. Ungaletha nezinto ezihambisana nengubo emhlophe noma nombala wosuku.
Rustic
- Lesi yisitayela sokuhlobisa esithandwa ngabantu abakhonze ukuhlala phandle noma ezindaweni zasemakhaya. Ungafaka amalambu amancane ezindongeni noma ezinsikeni nasezihlaleni noma ubophe lezi zinto ngezindwangu. Ungasebenzisa ama-glass, ulace, i-twine nezinkuni eziningi. Lapha abashadayo bangazihlobisela bona ngendlela abathanda ngayo.
Bohemian
- Isitayela esikhonzwe ngomakoti abathanda ukwenza izinto ngendlela yabo kodwa babe bahle. Izingubo zabo zomshado zibizwa nge-boho style ngoba zinhle kodwa azijwayelekile.
-Uma behlobiza basebenzisa izimbali, ama-cushion amancane, izinto ezilengayo nemibala ehambisana nabo.
Celestial
-Lesi sitayela sithandwa yizithandani ezikhonze ukugabisa ngothando lwazo, ezifuna kubone wonke umuntu ukuthi zidalelwene. Zifuna kube nemibala ehambisana nesibhakabhaka, izinkanyezi nokunye okuhambisana nomkhathi.
- Kuthiwa umakoti angafaka ngisho ingubo ehambisana nesibhakabhaka nomkhathi. Angayiyeka ingubo emhlophe, asebenzise imibala ehambisana nokomkhathi.