UFUNA ukwabelana nabanye ngezimfundiso azithole ephehlweni nakufunde ekukhuleni kwakhe ukuze kusizakale abaningi, obhale incwadi ethi, Ancestory.
UNokulinda Mkhize, oyindodakazi kaDkt Zweli Mkhize, oqale ukuba yisangoma kusukela ngo-2008, ukhiphe incwadi yokuqala kanti uthi ibisimhluphe isikhathi eside.
“Kuningi engikufunde emndenini wami nasemphakathini nangesikhathi sengiyisangoma kanti bengihlale ngifisa ukukwazisa nabanye abantu ngenxa yokubaluleka kwakho empilweni yethu,” kuchaza uNokulinda.
Echaza uthe inhloso yokubhala incwadi ukunikeza izincazelo ezisobala ngezinto zasendulo nokwenza zihambisane nesikhathi samanje.
"Le ncwadi ikhuluma ngezinto eziningi ezithinta impilo yasendulo kodwa ezisabalulekile nasempilweni yesimanje. Ngisho indlela isimo somnotho esizithinta ngayo izindaba zemindeni yethu nezothando," usho kanje.
Uveze ukuthi kuneminyaka engu-15 enesifiso sokuyibhala kanti uqale ukuyibhala ngonyaka odlule. Yize intokazi ishade nomlungu futhi benezingane ezine ndawonye kodwa amasiko yinto eseduze kakhulu nayo.
“Akusho lutho ukushada nomlungu ngoba amasiko aselahlwe ngisho ngabangashadile nabelungu. Izingane zabo kazisasikhulumi isiZulu ngoba nakhu zifunda nabelungu,” kuchaza uNokulinda.
Uthe wenze isiqiniseko sokuthi encwadini yakhe ubalule nababhali basendulo abakade baqala ukuqopha izinto ezibalulekile zasendulo.
“Ngisebenzisa isibonelo soMkabayi nabanye omalume ukutshengisa ukuthi kusukela kudala, ubudala bebusho ukuthi kumele uthathe izintambo. Kufana nokuthi wumhlahlo wasendulo osilungisela indlela yekusasa lethu,” kusho umbhali.