UZOBA nesithangami sabalimi nabafuyi osezakhele udumo ngokweluleka abalimi ezinkundleni zokuxhumana.
UNksz Nokukhanya Brahmanlady Ngubo osebenza ehhovisi lezolimo kuMasipala uMhlathuze, uthe abalimi abamnyama abalimayo nabafuyile abanalo ulwazi lokuthi bangafinyelela kanjani esigabeni esiphezulu esizokwenza ukuthi bazuze ngemikhiqizo yabo, okuyikho okwenze ukuthi enze isithangami sokucobelelana kungabi esaseMhlathuze kube ngesabafuyi baseNingizimu Afrika bonke.
" Selokhu ngifikile kulo masipala ngibonile ukuthi abafuyi nabalimi bafuyile, abanye balimile kodwa kukhona ulwazi esishoda ngalo esidinga abantu abangongoti nasebeyihambile le ndlela. Ngibe sengithi angibabize ukuze singabalimi sicebisane siphinde sizokhangisa ngemikhiqizo yethu. Kunemikhakha engajwayelekile efana nomkhakha wokufuya izinyamazane, ukutshala insangu, owokukhiqizwa kukawoyela owenziwa ngeTea Tree nomsuzwane esisadinga ukuthi sifundisane siphinde selulekane ngawo. Insangu sekuvumelekile ukuthi itshalwe kuleli kodwa kunemicikilisho eminingi abalimi abangayazi kanye nokwehluka kwayo. Ngifuna ukuthi abayitshalayo kube yibo abachazayo ukuthi benzenjani ukuze bafinyelele ezingeni lokukhiqiza imikhiqizo esidayisa emazweni aphesheya," kusho uNksz Ngubo.
Uthe kunezinkomo eziye zidayiswe ngemali eze ifinyelele kuR400 000 iyinye ezindalini afuna ukuthi abafuyi bazi ukuthi zihluke ngani kwezinye, ama-stud okuyizinkomo ezibhalisiwe.
Uthe kungokwesibili eba nesithangami esifana nalesi ngoba efuna ukuthuthukisa abalimi abamnyama.
“Konke okuzodliwa emcimbini wethu yimikhiqizo yabalimi kusukela emifinweni kuya enyameni yenyamazane. Umklomelo wenkomazi yeNguni emithi ezowinwa kuwo lo mcimbi. Ngingene kulo mkhakha ngingenalutho ngifuna ukukhuthaza enye intsha eswele imisebenzi njengamanje ukuthi ayisukume noma ingakaxhaswa, ilandele thina. Kuyenzeka, mina senginalo ipulazi lami ngifuye izinkukhu, ngisaphemba izimbuzi. Baningi abanye abalimi abebehambe beqhuzuka ngoba iningi alizenzanga izifundo zolimo elizositshela ukuthi lenzenjani,” kusho yena.
UNksz Ngubo ubejwayele ukuzishutha ejova izinkomo noma ezihlola ukuthi ziphile kahle yini, wagcina esenabantu abaningi abamshayela ucingo befuna ukuthi abasize ngolwazi lokunakekelwa kwemfuyo.
Lokhu ubekwenza ngoba ethanda ukuhlomisa abafuyi abasathuthuka ngolwazi ukuze bangafelwa imfuyo. Ukuchitha isikhathi esiningi ocingweni ekhuluma nabafuyi abehlukene kuholele ekutheni avule inkampani yakhe, iBrahmanlady Consulting enamahhovisi eMpangeni.
Ubuye akhiphe izeluleko ngezolimo kuKhozi FM njalo ngoLwesine.
Le ntokazi ineziqu ze-Animal Science eyazithola e-University of Zululand. Ibuye isebenzisane nomnikazi wepulazi iThabanyama elikhiqiza inyama ne-wors.