UKUFIKA kwesigaba sokukhula lapho owesifazane engasayi ezinsukwini zakhe, kusuke sekuwukuqala kwezinye izinkinga ezihambisana nalesi sigaba esaziwa ngeMenopause. Yingakho bejwayele ukuphephela emaphilisini nasemijovweni okuthiwa ibhalansisa amahomoni bese enza nokuthi zinciphe izinkinga okuwukujuluka ngokweqile nokunye okuningi.
Ngokwemvelo, abesifazane abaneminyaka ephakathi kuka-45 no-55 bangena kulesi sigaba. Lokhu kuzenzekela ngokwemvelo kodwa abesifazane abaningi bayagula okuhambisana naso isigaba, okugcina kuholele ekutheni abanye bancamele ukuthi bawajove amahomoni noma baphuze amaphilisi enza umsebenzi wamahomoni asuke engasakhiqizeki emzimbeni womuntu wesifazane, iMenopausal Hormone Therapy (MHT)
Izimpawu ezijwayelekile zihlanganisa ukuzwela ukushisa, ukujuluka ebusuku, ukuzizwa ukhathazekile, ukungalali kahle, ubuhlungu bamalunga kanye nokoma kwesitho sangasese sowesifazane. Lezi zimpawu abanye abantu besifazane ziyabakhathaza bazizwe bephelelwa ngamandla
Okunye okwenzekayo ngalesi sikhathi ukwehla kwe-estrogen nakho okuholela ekutheni amathambo abe buthakathaka, okuholela ekutheni kube lula ukuthi umuntu wesifazane aphuke. Ngalesi sikhathi abesifazane baba nomkhaba noma bengakhuluphele ngokweqile okunomthelela wokuthi bahlaselwe isifo senhliziyo nesikashukela.
Iyini i-Menopausal Hormone Therapy (MHT)
I-MHT yenza yonke imisebenzi eyenziwa i-estrogen emzimbeni okwelapha izimpawu zokunqamuka kokuya esikhathini. Ongoti abenze ucwaningo olushicilelwe kwi-Australian Menopause Society website, bathi ukuthatha amaphilisi i-Ostrogen kungaholela ekutheni abesifazane abayisebenzisayo babe sengcupheni yokuhlaselwa umdlavuza webele.
Akubona bonke ongoti abahambisana nalo mbono, uSolwazi Jane Green we-University of Oxford, uthe nakuba lukhona ucwaningo oluveza ukuthi kunobungozi kodwa isilinganiso sobungozi kungenzeka ukuthi asichazi okwenzekayo ngoba abesifazane okukhulunywa ngabo kulolu cwaningo akucaciswanga ukuthi bebesebenzisa luphi uhlobo lweMHT.
Uthe i-MHT ayikwazi ukuchazwa njengephephile noma engaphephile. Imiphumela yayo iyahlukahluka kuye ngezinhlobo zamahomoni asetshenzisiwe, indlela enikezwa ngayo (amaphilisi, noma amapheshi namajeli), isikhathi sokuqala ukuwasebenzisa okungaba ngesikhathi kuqala ukunqamuka kokuya esikhathi noma sekuvela izimpawu.
“Ukuphepha kungancika nakwezinye izinto, njengesisindo somzimba. Ufuzo lomndeni, umlando wekwelashwa komuntu siqu. Kubalulekile ukubheka ukuthi inzuzo ngalokhu kwelashwa iyayidlula yini ingozi, bese uthatha isinqumo. Odokotela abaningi nososayensi bayavuma ukuthi i-MHT, kakhulukazi i-estrogen ilungele ukunqamula izimpawu .
Akukho okunye okuke kwakhombisa ukusebenza okungaba ukudla okuthile, ukuzivocavoca, imithi eyehlisa ukhwantalala, izidakamizwa ezikhishwa ngodokotela, amatiye emvelo. I-MHT iyona ekhombise ukusebenza ngokulawula izimpawu, ezihlanganisa nenkinga yokwephuka kalula kwabesifazane abakulesi sigaba," kusho yena.