KUBANTU besifazane abayishumi oyedwa unesifo esidala izinkinga emgudwini wenzalo, i-endometriosis.
Le nkinga ingaqala ukubonakala ngosuku lokuqala owesifazane eya esikhathini.
Lokhu kushiwo uDkt Nokukhanya Khanyile owungoti wezifo ezithinta abesifazane kwaKotex.
Uthe ucwaningo olusenziwe aluvezi ukuthi sidalwa yini. Ngokwakhe sibonakala ngezimpawu zobuhlungu ezivamise ukuhlasela abesifazane ngezinsuku zokuya esikhathini.
Uthe ubuhlungu budalwa ukukhulela ngaphandle kwenyama okumele ngabe ingaphakathi emgudwini wenzalo.
“Kuningi okubekwa njengezizathu zokuthi umuntu ahlaselwe yilesi sifo kodwa ucwaningo aluvezi ukuthi yini eholela ekutheni owesifazane abe naso kanti uma kukhona onaso emndenini maningi amathuba okuthi nawe ube naso.”
Uthe izimpawu ezijwayelekile wukuthi abesifazane abanaso baba nezinhlungu okungathi amahlaba kwesingezansi ngaphambi noma emva kokuya ezinsukwini.
Kwesinye isikhathi uthe ubuhlungu buba seqolo. Ubuhlungu ngesikhathi uya ocansini noma emva kokuya kulona uthe bujwayelekile kwabanalesi sifo.
Kwesinye isikhathi abanaso bezwa ubuhlungu uma bezikhulula noma uma bechama uma besezinsukwini zabo nakho lokhu uthe kuwuphawu lwaso.
Ukopha kakhulu kowesifazane uma esezinsukwini zakhe nokopha noma kungezona izinsuku zakhe kungolunye uphawu olungakhombisa ukuthi owesifazane une-endometriosis.
Abesifazane abanezinkinga zokuthola abantwana esinye isifo esitholakala kubo yi-endometriosis.
UDkt Khanyile uthe yinye indlela yokuthola ukuthi owesifazane izinhlungu anazo zidalwa yini.
“Ngiyazi ukuthi abanye abantu babona sengathi odokotela uma bethi bazohlinza isiguli basuke benza into engenasidingo. Ukuhlinzwa kusuke kuzonikeza udokotela ulwazi lokuthi ngabe isifo singakanani ngaphakathi nokuthi sizolawulwa kanjani.”
Uthe ngesinye isikhathi kunzima ukusilawula lesi sifo.
“Lesi sifo aselapheki ngokuthi usiqede nya uma sesike sakuhlasela kodwa siyalawuleka ukuze ukwazi ukuphila naso. Okubalulekile wukuthi uma ubona izimpawu usheshe usukume ubonane nodokotela.”