UBONAKALA ebhekene nesambane uChidimma Adetshina ngemuva kokuba kusuke umsindo eNigeria lapho okudabuka khona uyise.
Le ntokazi ikhiphe isitatimende ngoLwesine iveza ukuthi iyahoxa emncintiswaneni kaMiss SA ngenxa yolaka oluvezwa ngabantu bakuleli ngobuzwe bakhe. Umlilo ubhebhethekiswe yisitatimende esikhishwe wumnyango wezasekhaya uveza ukuthi uyaphenya ngendlela unina athola ngayo ubuzwe bakuleli. Lo mnyango uveze ukuthi uqale uphenyo ngemuva kokuthola imvume kuyo le ntokazi kanye nonina.
Kushaqeke abaningi umnyango uveza ukuthi kubonakala sengathi unina akabutholanga ngendlela ubuzwe, kanti lokhu kuzocaca kahle uma uphenyo seluphothuliwe.
Ayizange ilinde ukuphothulwa kophenyo le ntokazi ethi ikhulele elokishini ePimville eSoweto ngoba ivele yaqoma ukuyehla inqola.
Kuthe kusajatshulelwa lokho, kwangena umbiko ovela eNigeria kuthiwa unikezwa ithuba lokuba yingxenye yomncintiswanokaMiss Universe Nigeria.
Abantu bakuleli bamjabulele ngeleli thuba bethi yilona elimfanele ngoba yizwe lobabamkhulu wakhe lelo. Lokhu akwehlanga kahle kozime abangenele umncintiswano bekhala ngokuthi bona balandele yonke inqubo nemigomo ebibekiwe ukuze babe yingxenye yalo mncintiswano, ngonjani lo muntu ozitholwa esephoswa eshuthekwa engenzanga lutho.
Abanye baze bathi gede akayena owaseNigeria, pho ufakwa kanjani kulo mncintiswano engaphethe lutho oluqinisekisa ubuzwe bakhe.