KUYAZIWA ukuthi abantu abaningi bayamanisa umbala obomvu nombala wothando, yingakho sikulethela ugologo wekhethelo ukushukumisa izinto othandweni lwakho.
I-Whitley Neill ugologo wekhethelo ohlolisisa umlando ohehayo nokukhanga kwalo mbala futhi uthola ukuhlotshaniswa okubomvu nosuku lwezithandani, kungalandelelwa emuva kumasiko asendulo aseRoma, ngomkhosi we-Lupercalia, umgubho wokuzala nothando.
Umbala obomvu imizwa yothando nemfudumalo, yingakho sikulethela lo gologo ngalolu suku oluhle kangaka lapho abantu bevuselela imizwa yothando nokwazisana.
Yini engcono kunokuzama okusha nokuhlukile ngalolu suku ngale kwe-Whitley Neill Gin Raspberry?
Lo gologo unambitheka kamnandi ngamakha e-juniper, i-coriander ne-liquorice enikeza indlela yokunambitheka okugqamile kwama-raspberries. Lo gologo umnandi ngoba unamakha wezithelo ezithandekayo futhi ungawusebenzisa ngezindlela ezahlukene ukwenza ama-cocktails, noma uwushaye ngendlela yesintu, uyashelela emphinjeni.
FUNDA ukwenza i-cocktail. Izithako:
Ibhodlela logologo iWhitley Neill Raspberry
ama-strawberries
ujusi we-olintshi namaqhwa
UKWENZA
Thatha ingilasi yakho enhle uhale amaqhwa akho, uthele ijusi, uthi phohlo ugologo ngokuthanda kwakho bese uhlobisa kahle ngama-strawberries.