Umbuzo
MaGumede, ngicela ningicebise lana. Ngiyintokazi eneminyaka engu-32 ubudala, umyeni wami una-33. Sike saba nezinkinga zokuxabana, into encane ijike ibe nkulu nokuholele ekutheni ngigcine ngiphuma ngibuyela ekhaya. Umyeni wami wasala waveza obala ukuthi ubevele engasangifuni. Akuphelanga zinyanga zingaki, wahamba wayocela omunye umuntu wesifazane. Ukhumbule njalo ukuthi mina naye bese sizoshada, nalapho ngezwa ngomakhelwane ukuthi kade eyocela. Njengoba ngisekhaya nje unakho ukuthanda ukungibona ngasese aphinde afone azikhalise kodwa akalikhiphi elokuthi uyaxolisa noma ufisa silungise izinto. Ezinyangeni ezimbili ezedlule uke wathi kimi ufuna silamanise, manje angazi noma ufuna ukukhipha ingoduso entsha ngami yini okanye ufuna ukungixhaphaza? Noma mhlawumbe usadidekile ukuthi walobola kanjani?
Impendulo
Ngicela ungazihluphi nhlobo ngaloyo sisi wami uma ufuna ukuphila kahle emoyeni wakho. Njengoba kade esebhampa yingoba ubeseqonyiwe, mhlawumbe futhi ubedlisiwe, inkungu yima ivuleka manje. Mhlawumbe idliso seliyaphela. Myeke kanjalo, kusekuncane lokhu usazokukhumbula kodwa mlinde aze akwazi ukuzehlisa axolise futhi nakhona ngicela ungakhombisi ukuba nexhala kodwa kunalokho akakubone upholishekile ungabhalwa nje nhlobo usizi ebusweni. Ungasheshe uqome, hlala ulinde khona ezobona ukuthi yena uyisilima kanjani, ungakhombisi ukumzonda kodwa futhi ungamfaki ekhukhwini ngoba uzozitshela ukuthi ungumgodi onganukwanja. Ekugcineni uma esekwazile ukuxolisa nguwena oyonquma ukuthi uthatha siphi isinqumo. Kodwa ungabi yinto yakhe yokudlala, acabange ukuthi uzohamba abuye, wena umamukele.