UKUDUNWA kwezimoto kuyaqhubeka nokuba yinto ekhathaza abashayeli abaningi eNingizimu Afrika njengoba kwebiwa ezilinganiselwa ku-60 ngosuku, ngokwezibalo zeSouth African Police Service (SAPS).
Ngokusho kweMotorHappy, eyingxenye yenkampani iMotus, izimoto ezimhlophe nezisiliva bekuyizo ezithathwa kakhulu kodwa kuya ngokunyuka ukuthathwa kwezineminye imibala njengophuzi nosawolintshi.
Phambilini kuthiwa izigebengu zazizigwema lezi zimoto ngenxa yokugqama kwazo kodwa ishintshile indlela ezenza ngayo.
Umbiko weMotorHappy uthe ukwebiwa kwezimoto kuhambisana nokuba yinyama kwazo futhi zingu-13 ezigqamayo.
Nazi izimoto ezithandwa ngabaduni eNingizimu Afrika:
· Ford Ranger
· Hyundai i20
· Nissan Almera
· Nissan NP200
· Toyota Corolla
· Toyota Corolla Cross
· Toyota Etios
· Toyota Fortuner
· Toyota Hilux
· Toyota Prado
· Toyota Land Cruiser
· Toyota Rav4
· Volkswagen Polo
Kulolu hla kukhona nezingasadayiswa njengeToyota Etios, Nissan Almera kanjalo neNP200. Ukuba yinyama kwazi nokho kusephezulu kuleli nakwezinye izingxenye zezwekazi.
Cishe zonke izimoto ezidunwa kakhulu zidayisa kakhulu kuleli nokwenza ukuba nesibalo esiphezulu sesithandwayo kuhambisane nokuba wuchithi saka kwazo.
IKwaZulu-Natal kuthiwa yisifundazwe sesithathu esihamba phambili ngokudunwa. Izindawo ezibalwayo yiseMlaza, Mariannhill, Ntuzuma naseNanda.
Esicongweni kukhona iGauteng lapho kuthiwa cishe u-50% wezimoto ezidunwa kuleli zithathwa khona. Kubalwa eJeppe, Moroka, Midrand, Thembisa, Sandringham nase-Orange Farm njengezindawo ezihamba phambili.
I-Western Cape isendaweni yesibili ngokudunwa kakhulu kwezimoto kuleli.
Kuthiwa ukudunwa kwezimoto kwenzeka kakhulu ngoLwesihlanu, ngoLwesibili nangoLwesine, ngokwe-Arrive Alive. Kuthiwa kwenzeka kakhulu phakathi kuka-4 ntambama no-8 ebusuku.
NgokweCrime SA, u-71% walezi zigameko wenzeka abagilwa sebengena emagcekeni akwabo.
Enye indlela wukuthi izigebengu zizenze amaphoyisa kokunye zijame izimoto ezindaweni ezifana nama drive-through lapho abantu bethenga khona ukudla.