IMOTO: BMW 5 SERIES
Yethulwe ngokusemthethweni iBMW 5 Series entsha eNingizimu Afrika okuyinhlobo yesishiyagalombili selokhu yaqala ukwakhiwa eminyakeni engu-51 eyedlule.
Entsha ifika nezinguquko eziningi futhi okuyiwona mehluko omkhulu wubukhona behamba ngogesi webhethri i-i5.
I-i5 M60 xDrive yiyo efikile futhi inebhethri engu-81.2 kWh. Bathi uma uyishaje yagcwala ungahamba ibanga eliphakathi kuka-455 kuya ku-516km. Ngihamba ngayo eKapa ibishajwe yagcina ku-92% yaveza ukuthi ingahamba ngaphezulu kancane kuka-350km.
Inamandla angu-442kW ne-torqrue engu-820Nm. Njengoba iyi-xDrive nje, kusho ukuthi idonsa ngawo womane amasondo.
Kuba wukulibeka unyawo bese igxume ihlale njengoba ihlala ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.8 futhi ijubane elikhulu ngu-230km/h.
Maduze kuzolandela i-i5 40 nayo ehamba ngenjini kagesi. Inamandla angu-250kW netorque engu-400Nm.
Eyokugcina yi-520d enenjini engu-2 litre kadizili. Inamandla angu-145kW netorque engu-400Nm. Ifakwe injini kagesi encane engu-48V.
Ugearbox enawo uyi-8 speed Steptronic. Yiyo engiyithandayo futhi lapho emnandi khona wukuthi uma igcwele iveza ukuthi ungahamba ibanga elingaphezu kuka-1000km futhi iyonga kudizili njengoba bethi idla amalitha angu-5.6 ngo-100km.
Emgwaqeni ihamba kamnandi, ithule ngaphakathi futhi ayizweli emabhampini.
I-5 Series isiyinde futhi ibanzi kunendala njengoba ubude bungu-5 060mm. Uma ususemgwaqeni uyakhohlwa ngoba ayizwakali kuze kuba ujeqeze kwi-blind spot ubona ukuthi inkulu.
Kuyenzeka futhi uzithole ugxoba ulayini ngenxa yobukhulu bayo kodwa ezokuphepha nezinsiza zomshayeli ngezinye zezinto ezandile kuyo. Empeleni zingaphezu kuka-40 sezizonke. Phakathi kwazo kubalwa i-adaptive cruise control eyenza ukuthi ihambe ngejubane olihlelile iphinde ibhreke uma kunemoto ngaphambi kwayo. Iyakusiza ukuhlala emzileni.
Kukhona ne- Active Lane Change Assistant eyenza ukuthi uma ushaya i-indicator ufuna ukudlula enye imoto kuthelawayeka ivele izijikele yona isiteringi uma kuphephile. Phesheya kuthiwa asikho nesidingo sokusibamba isiteringi uyitshela ngamehlo ukuthi ufuna ukudlula bese iyazijikela uma kungenamoto.
Ngaphandle ishaya ngegrille enkulu ekhanyayo wena owabona i-7 Series. Ngiyakuthanda ukuthi bayenze yazimela yangafana nezinye izimoto zakwabo nokwenza kube lula ukubona ukuthi yi-5 Series. Ifika neM Sport package.
Inamalambu ama-LED namarimu aphakathi kuka-19 kuya ku-21 inch.
Ngaphakathi ubukhulu bayo uyabubona ngoba isikhala ngudedangendlale. Ngaphandle kwesikhala okuphinde kuthathe amehlo yingaphambili layo elingenamabhathini. Kune-touchscreen infotainment system enkulu kanjalo ne-digital instrument cluster. Uma ungumuntu onakayo uzoqaphela ukuthi nesiteringi siqondile ngezansi asiyona indilinga yonke.
Kwi-touchscreen infotainment system bafake iBMW Operating System 8.5 okulula ukuyisebenzisa futhi izinto ojwayele ukuzisebenzise ezihleli obala kuyo. Ngikhuluma ngokuxhuma iselula, inkombandlela, ukudlala umculo nokushintsha amazinga okushisa nokubanda emotweni.
Kuyangichaza ukuthi kwi-instrument cluster kuphinde kuvele ingaphambili uma uhamba ikukhombise nalapho okumele ujike khona.
Ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba kuphinde kube ne-panoramic sunroof okhakhayini.
Intengo:
BMW 520D - R1,247,893.60 (inci. CO2 tax)
BMW 15 40 - R1,842,500 (incl. Wallbox & Installation)
BMW 15 M60 - R2,190,000 (incl. Wallbox & Installation)