IMOTO: VOLKSWAGEN POLO GTI
Eminyakeni eyedlile iVolkswagen Polo GTI yayisembangweni nezimoto ezahlukene kodwa konke lokho sekuwumlando njengoba isisele yodwa.
Umbango kwakungewona nje kuphela owabathengi kodwa nowokuba wumakhonya uma kubhekwa ukuthi iyiphi esuka ku-0 ifinyelele kuqala ku-100km/h wawungasali.
Ngaleso sikhathi izimbangi kwakukhona kuzo i-Ford Fiesta ST, Opel Corsa OPC ne-Renault Clio RS.
Kumele sibashayele ihlombe kwaVW ngokuthi abalandelanga izimbangi baqeda ngayo ukuze abathandi bezimoto ezincane ezinejubane bengaphenduki ondingasithebeni. Okunye okumele sikubonge wukuthi ifemu yale nkampani eseGqeberha, e-Eastern Cape, yiyo yodwa manje eyakha le moto nokuyinto enhle emnothweni wakuleli.
IPolo GTI yimoto okukitazayo ukuyishayela. Ayinawo amandla ababazekayo kwazise incane kodwa anele ukuthi isheshe futhi ikuthokozise njengomshayeli.
Inenjini ewu-2.0 turbo charged kaphethroli enamandla awu-147kW ne-torque ewu-320Nm.
U-gearbox oyi-6 speed auto uthumela amandla emasondweni angaphambili kanti bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-6.7.
Yize kunama-pedal shifters ngemuva kodwa bengivele ngiyiyeke izishintshele yona igiya ngoba yenza kahle.
Amandla uyawezwa ukuthi akhona uma usuka ngoba iyashesha, uzwe namasondo ebanga umsindo kancane izama ukubambelela bese iyangena ejubaneni.
Emakhoneni ngiyizwe ibambelela nesiteringi sinesisindo esikahle. Uma usushesha izinqawe ziyazama ukukhipha umsindo omnandi wodumo lwamaGTI yize ungekho mkhulu kangako.
Emigwaqweni engemihle ngiyizwe ithanda ukuzwela kancane njengoba ifake i-sports suspension.
Indlela ehamba ngayo akuyona kuphela into ehehayo ngayo ngoba ngaphandle iyabukeka.
Ikhanyisa ngamalambu angamaLED kuma-headlights, kuma-fog lights kanjalo nakwi-grille. Ngangemuva amalambu angamaLED.
Ebesihamba ngayo bayifake amarimu angu-18 inch okuyinto oyikhetha uma uthanda nephakethe livuma njengoba yona egaraji iphuma nangu-17 inch. Bebeyigaxe ne-sunroof okuyinto nakanjani okumele uyifake. KwaVW bathi yize i-sunroof iyintandokazi ezimotweni zabo kodwa abakwazi ukuzenza zonke zifike nayo ngoba abanye, njengasezimotweni zamaphoyisa, abayifuni.
Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, digital instrument cluster, touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. Ibingenayo ikhamera eveza ingemuva uma upaka nokuyinto okumele uyengeze. Kunalokho ibifika nama-sensor.
Amabhathini esiteringini yilawo athambile ohambisa umunwe phezu kwawo nokuyinto esiyashintsha kwiGolf GTI ethuthukisiwe ngoba amakhasimende athi awayithandi.
Enye into engiyiqaphelile wukuthi ayidunyiswa ngebhathini, kunalokho kumele ushutheke ukhiye.
Ngale kwalokho, iyimoto enhle futhi okumnandi ukuhamba ngayo. Yize ingenambangi eqondile kodwa inkinga wukuthi intengo isithanda ukunyuka futhi kusenezinye izinto okumele uzengeze kuyo.
Intengo:
R 567,600.00
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km.