UKUSINGATHWA kombukiso iRed Bull Showrun lapho bekukhona owayengumshayeli weFormula One, uDavid Coulthard nemoto ye-Oracle Red Bull Racing Formula One team, kuphinde kwavuselela ukulangazelela kwabantu bakuleli ukuthi lo mjaho ubuye eNingizimu Afrika.
I-F1 yagcina ukusingathwa kuleli eKyalami Grand Prix Circuit, eGoli, ngo-1993 ngezikhathi zoMichael Schumacher, no-Ayrton Senna.
UCoulthard owanqoba imijaho engu-13, ubehamba ezitaladini zaseSandton, eGoli ngeSonto ngemoto ebizwa ngeRB7 eyayigila izimanga ngesizini ka-2011.
“Mina nethimba lami sesigqugquzeleke ukuthi sisebenze kanzima ukuthola iF1 eNingizimu Afrika,” kusho uNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uGayton McKenzie.
Ukusho lokhu kade ehlangene noCoulthard.
Muva nje uMcKenzie ufake ezinkundleni zokuxhumana isithombe enesikhulu seF1, uStefano Domenicali. Uthe ubenomhlangano naye futhi sekuseduze ukuthi iF1 ize eNingizimu Afrika.
Eminyakeni emibili edlule kwabikwa ukuthi uDomenicali wanikela kuleli ukuzoba nezingxoxo ngokubuyiswa komjaho.
IMotor Magnet vaveza ukuthi isivumelwano sisayiniwe kodwa kumele inkundla ithuthukiswe kancane.
Yathi uStefano nomnikazi weKyalami, uToby Venter babonakela kule ndawo yomjaho.
Umshayeli wase-United kingdom, uLewis Hamilton, noseke wanqoba iF1 amahlandla ayisikhombisa, ucashunwe kwiSky Sports kuleli sonto ethi akukwazi ukuthi kungalokhu kwengezwa imijaho kwezinye izindawo kodwa i-Afrika izitshwe.
Sekunesikhathi eshumayela ivangeli lokuthi umjaho ubuye kuleli zwekazi.
Nompetha ophethe isicoco njengamanje uMax Verstappen wathi akanankinga nokuthi umjaho ubuye.
Izindleko eziphezulu ezibiza izigidi zokusingatha umjaho kuthiwa ngenye yezinto ezenza kube nzima ukuwuletha
Umjaho olandelayo weF1 yi-United States GP ezoba ngo-Okthoba 20.