SIYAKHULA isibalo sezingane ezihlonzwa ukuthi zine-autism kanti ongoti bathi sekuyisikhathi sokuthi abantu bafunde futhi basiqonde lesi simo.
Ungoti obhekele ukuhlonza nokwelashwa kwalesi simo ezinganeni, iNeurodevelopment Paediatrician, osebenza esibhedlela iNetcare St Augustine, uDkt Nerica Ramsundhar, uthe eminyakeni emihlanu kuya kweyisithupha eyedlule sibonakale sinyuka isibalo sezingane ezine-autism.
Uthe ngokolwazi olukhishwe i-US Center of Control nyakenye ucwaningo beluveza ukuthi ezinganeni ezingu-36 eyodwa ine-autism kanti phambilini beluveza ukuthi ezinganeni ezingu-56 eyodwa ine-autism.
UDkt Ramsundhar uthe abantu abane-autism baba nezinselelo zoxhumana ngendlela kwemizwa i-neurodevelopmental okudala ukuthi ihluke indlela abakhuluma ngayo nendlela abaziphatha ngayo uma kuqhathaniswa neyabanye abantu. Uthe bajwayele ukwenza into bayiphindaphinde.
"Lokhu kunomthelela endleleni ulimi oluveza imizwa ngokwejwayelekile, okuyikhono lethu lokukhuluma; ikhono lethu lokuqonda; kanye nokukhuluma libe lingaphumi izwi okungaba ukukhuluma ngokushintsha ubuso, indlela amehlo abuka ngayo, ukuthinta komzimba nokunye," kuchaza uDkt Ramsundhar.
Uqhube wathi izingane ezine-autism ngokuvamile aziyivezi imizwa ngesimo sobuso bazo, zivamise ukwenza okuthile ngesandla okungaba ukuhebeza, ukugxuma, ukuzigingqa phansi, ukuzisonta umzimba nakho okungabonakala.
"Izingane ezine-autism ngokuvamile zihlale zimatasatasa ngezinto ezithile ezenza umqondo wazo uhlale usebenza, njengokuqaqa ithoyizi lemoto esikhundleni sokudlala ngalo, ukucubungula izinkinobho, amatshe noma yini enye. Konke lokhu kwenza ukuthi zingabi naso isikhathi sokudlala nezinye izingane ngoba umqondo wazo ugxila kulokho ezifuna ukukuxazulula," kuchaza udokotela.
Wengeze ngokuthi izingane ezine-autism zingase zibe nokuxhumana nomphakathi okungejwayelekile ngoba ziyakugwema ukuxhumana nabantu kakhulu.
“Ukushintshana ngamathoyizi kanye nokudlala ngamathoyizi kungase kuzicasule," kusho uDkt Ramsundhar.
Uthe uma behlola izingane bakhuluma nabazali babheke umlando kamama ngesikhathi ekhulelwe ingane. Babheke ukuthi ingane ibikhula kanjani ngalesi sikhathi .
"Sixoxa nomndeni mayelana nokudlala kwengane, ukuhlalisana kwayo nabanye abantu, ukwenza izinto ngokuphindaphinda noma ukucubungula umehluko entweni eyodwa. Bese kuba khona lapho sibheka ukuthi ingane ixoxa kanjani nabazali bayo. Ukuthi yenzenjani uma icela okuthile, imaphi amagama ekwazi ukuwaphimisa nokunye," kuchaza uDkt Ramsundhar.
Uthe lezi zinto azibalile abakhulisa izingane kumele baziqaphele emakhaya ukuze basheshe babone uma kunokungajwayelekile.