UKUNGALALI ngokwanele kungaholela ekutheni iziguli ezinegciwane lesandulela ngculazi zihlaselwe izifo ezifana nesifo sikashukela esidalwa indlela umuntu aphila ngayo, ukukhuluphala ngokweqile nezifo zenhliziyo.
Lokhu kushiwo uDkt Nomathemba Chandiwana ongumqondisi nososayensi esikhungweni esenza ucwaningo ngeHIV, Ezintsha Research Centre esiseJohannesburg.
Uthe ukuphumula ekhaya nokulala kubalulekile kubantu bonke ngoba uma kungenzeki kudala izinkinga zezempilo.
"Umuntu ophila negciwane lesandulela ngculazi, oseqale imishanguzo ngesikhathi, kufanele aphile isikhathi esifanayo njengesomuntu ongenayo i-HIV, kodwa esikwaziyo ukuthi umuntu one-HIV, ngokwesilinganiso, uphila iminyaka engaphansi kwaleyo abengayiphila uma engenasifo ngeminyaka engu-16.
“Lezi ziguli zivame ukuhlaselwa isifo sikashukela sohlobo II, izinkinga zempilo yengqondo, ukukhuluphala ngokweqile nesifo senhliziyo. Siyazi ukuthi ukungalali kahle kuhlobene nalokhu, "kusho yena.
UDkt Chandiwana uthe isayensi ecubungula ukulala isewumkhakha omusha wezokwelapha.
Uqhubeke ngokuthi kunocwaningo olwenziwa yilesi sikhungo, sibheka ukuthi ukungalali ngabe kuwaphazamisa kanjani amasosha omzimba kanjalo nokuthi kungani iziguli ezineHIV zigcina zinesifo sokuvuvukala noma ngabe ziphile kahle futhi nemishanguzo igazi lazo liyemukela kahle.
Uthe ngenxa yokuthi kuningi okungaziwa kahle ngalo mkhakha kusadingeka ukuthi kutshalwe imali yokucwaninga, kuphinde kuqeqeshwe nabacwaningi ukuthi bakwazi ukucwaninga ngalo mkhakha.
"Sinemininingwane emincane yase-Afrika mayelana nokuphazamiseka kokulala nokungalali kahle," kunezelela uChandiwana.
USolwazi Karine Scheuermaier we-Wits University Brain Function Research Group, okuyisikhungo esidala kunazo zonke esicwaninga ngokubaluleka kokulala isikhathi esenele kuleli.
Uthe umphakathi uyaliqonda iqhaza lokuzivocavoca nokudla ukudla okunempilo kodwa awuqondi ukuthi kubaluleke ngani ukuthi ulale isikhathi esenele ukuze umzimba usebenze kahle. Uma ungalali wenza ukuthi kube lula ukuthi umzimba uthole izifo.
"Senza konke ngesikhathi okumele ngabe silala ngaso. Ukulala kwabanye kuthathwa njengophawu lobuvila emphakathini owazi ukuthi ukusebenza ikona okubalulekile kunokulala," kusho uSolwazi Scheuermaier.
Uqhube wathi ukuhlelwa kwezindawo zobandlululo kwaphoqa abantu abamnyama ukuthi bahlale kude nezindawo zemisebenzi.
Abasebenzi abaningi basavuka ekuseni kakhulu bayosebenza. Uma bephuma emsebenzini bama olayini abade belinde izinto zokugibela bafike emakhaya sebekhathele. Emakhaya bafika banakekele izingane noma amalungu omndeni asekhulile ngaphambi kokuthi balale.
"Ukuhlala emijondolo eminyene kuphazamisa ukulala kahle, kunomsindo ophezulu kuhlale kukhanya.
“Emikhakheni yokusebenza kunamashifu okusebenza ebusuku kubo okubalwa abasebenza ezinkundleni zezobuchwepheshe, abashayela izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile konke lokhu kuphazamisa ukulala," kuphetha uSolwazi Scheuermaier.