ZIMHAMBELA kahle izinto umlingisi uSihle Ndaba owazakhela igama ngokulingisa indawo kaSmangele emdlalweni owuchungechunge weSABC1, Uzalo.
USihle oshiye kuZalo ngo-Okthoba 2017, uzolingisa okokuqala efilimini yakuleli, iLove Lives Here, okulindeleke ukuthi iqale ukuboniswa emabhayisikobho ngoMashi.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe ngeSonto, uSihle odlala indawo kaCebisile Mkhize kwiSibaya, uveze ukuthi usejahe kabi ukuthi iboniswe le filimu.
Uthe le filimu iqoshelwe eThekwini ngo-2017 njengoba kuyima izokhonjiswa.
“Ngidlala indawo kaNomagcino, okungudadewabo omncane, kaZinhle odlalwa uThando Thabethe. Le filimu igxile kuZinhle nezinkinga zakhe zothando. Ngijabule kakhulu ngokuthola leli thuba eliyingqayizivele. Ngiyaqala ukulingisi efilimini enkulu” kusho uSihle.
Uthe ukuthakasele ukulingisa indawo kaNomagcino, oweseka udadewabo uZinhle.
“Ifilimu ikhuluma ngothando ngendlela esenza ngayo la eMzansi. UZinhle ubhekana nezingqinamba ezithile othandweni. Uba nengcindezi yezifiso zakhe nezomndeni wakhe. Abantu bazoyithakasela ngoba iqukethe nabalingisi abathandwayo,” kusho uSihle.
Ebala abanye babalingisi abakule filimu, uthe kukhona * -Andile Gumbi owayedlala indawo kaZweli kwiSibaya, umlingisi weSidingo: The Need uMotlatsi Mafatshe odlala indawo kaSechaba kusona, uLungile Radu, Zola Nombona nabanye.
Uthe kule filimu ulingisa noSbahle Xulu, aphinde walingisa naye kumdlalo wakuMzansi Magic, iThe Herd.
Uqhube wathi ukuthakasele ukulingisa nalaba balingisi iningi lalo elihlonishwayo njengoba abanye ubeqala ukulingisa nabo.
Akufundile ngokulingisa kule filimu uthe ukubekezela ngoba ubonile ukuthi yonke into inesikhathi sayo.
Unxuse abantu ukuthi bangadikibali ngokubona kuhamba isikhathi amaphupho abo engafezeki.
Uthe abantu abasha kumele bazifundise ukubekezela bangalilahli ithemba, baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla ekufeza amaphupho abo.