UMCULI waseMlaza oqokwe kumaMetro FM Music Awards uNeo Dube uthi yize eke wakhipha umculo phambilini kodwa yimanje lapho enakwa khona.
UNeo uqokwe emunxeni weBest New Artist lapho eqhathwe khona noPhila Koshin noMawelele. Ungene ngengoma yakhe Indawenhle eyikhiphe ngoJanuwari.
"Kade ngaqala ukucula. Empeleni ngike ngaba ne-albhamu ngo-2017 kodwa ayikho online. Nabanye esiqokwe nabo hhayi ngoba befika manje emculweni kodwa baqala ukunakwa manje. Vele nomculo wami wakudala awubanga nesasasa kangako yingakho ungasekho," kusho uNeo.
Ezinye izingoma wazenza noSirDlungz Jnr ngo-2020 neMlazi Gospel Choir ngo-2021.
"Phakathi kuka-2020 no-2023 bengisesikoleni ngifunda e-Afda ngigxile ekudidiyeleni nasekuqondiseni amafilimu. Ngasuka lapho ngaya eSpain ngiyocula khona kodwa bengingawukhiphi. Ngize ngabuya ngonyaka odlule ngoJulayi."
Uthe ngesikhathi ecula engagqami kukhona lapho ebephela amandla khona kodwa wangaliphonsa ithawula.
"Yonke into inesikhathi sayo. Uyaqhubeka ulokhu uzama uphushe size sifike isikhathi sakho nawe. Mina ngingowaseMlaza ngakho bengihamba ngicula nasezindaweni zokudlela ngiphusha."
UNeo ochaza umculo wakhe njengeNeo Soul ne-jazz uthe ukuqokwa kule miklomelo kuyamgqugquzela ukuthi akhiphe omunye umculo. Uthe uma ekhipha akagcini icala kodwa udedela into ekhuluma nabantu.
"Kumele uzinike isikhathi wenze okuseqophelweni eliphezulu," kusho yena ethi uvuleleke ukwenza noma yiluphi uhlobo lomculo.
Ukumvotela ushayela u *120*45787# kanti kubala ngoR1.50 ngomzuzu. Ukuvota kuvalwa ngo-Ephreli 27 bese imiklomelo iba seMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoMeyi 3.