KUMANGAZE abaningi ukuvela kwezindaba zokushiya isigubhukane komlingisi, uSlindile Nodangala, odlala indawo kaDeliwe Mbambo emdlalweni Isibongile and the Dlaminis.
Lokhu kuvezwe abakwaM-Net abathe ukuqala kwesizini yesibili nokufika kwabalingisi abasha yikhona okuzoholela ekutheni indawo yalo mlingisi iphele.
Esitatimendeni abasikhiphile, uShirley Adonisi uveze ukuthi ithalente likaSlindile lenze indawo yakhe yagqama kulo mdlalo futhi yathakaselwa.
Kodwa Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalo mdlalo ukuthi uSlindile uvele watshela imenenja yakhe ukuthi uyashiya kulo mdlalo ngemuva kokubona abalingisi abasha abaqashwe ukuqala kwesizini yesibili
“Ukuzwa ukuthi abalingisi, okukhona kubo uBaby Cele, beza kulo mdlalo kudale ukuthi aveze ukuthi yena uyahamba kuwo. Abaphathi bamncenge kaningi bebuza ukuthi kwenzakaleni kodwa waveza ukuthi kukhona izinto afuna zishintshwe angazithandi. Abaphathi bangayizwa eyokushayelwa nguye umthetho bakhetha ukumdedela ngemuva kwesikhathi eside bezama ukumcenga ukuthi ahlale ngoba indawo yakhe ibingakezophela,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi abanye babasebenzi baze babuza uBaby ukuthi kukhona yini okwabaxabanisa kodwa lo mlingisi wakuphika lokho.
“Kube nokudideka kwabaningi, izindaba zokushiya kwakhe nizibona zimenyezelwa manje yingoba bekucaca ukuthi akayizwa eyokubuya kulo mdlalo. Ababhali baze bathi bazomdedela kodwa uma efuna ukubuya indawo yakhe isavulelekile kodwa wathi akasafuni ukuba kulo mdlalo abamkhiphe,” kuchaza yena.
UShirley, esitatimendeni sakhe esephetha, uveze ukuthi yize uSlindile ehamba kodwa babheke phambili kukhona konke okuzokwenzeka kule sizini entsha okuthinta izimfihlo ezizovela, ikhasi elisha empilweni kaSibongile nokunye okuzomangaza ababukeli.