UNETHEMBA lokuthi lizoveza amathalente angakaze abonakale phambilini uhlelo azoba yingxenye yalo umsakazi woKhozi FM, uMandla Magwaza odume ngelikaNjinji Wami.
UMandla uzokwethula uhlelo oluthi uShuni Womhlaba nomsakazi weMetro FM, uMpumi Mlambo, noluzoqala ukukhonjiswa kwiSABC1 kusuka ngoJulayi 7 ngo-6 ntambama.
Ohlelweni kuzobe kuthungathwa abaculi bakamaskandi, umbhaqanga, afro-pop nesicathamiya.
Kuzobonakala intsha izama inhlanhla yokuwina ukuze izakhele igama endimeni yomculo.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yohlelo uMandla, uthe akujabulelayo ukuthi luzoveza ubuhle bezinhlanga nezilimi zaseNingizimu Afrika.
“Lapha eMzansi siyizwe elivundile uma kuziwa emakhonweni ezinto ezihlukene. Uma kuziwa emculweni nakwezinye izinto ezithinta amasiko senza ezibukwayo ngendlela emangazayo.
“Lokhu asikwenzi sigcina la ekhaya nje kuphela kodwa ngisho emazweni angaphandle siyabukisa uma singenele imincintiswano yamakhono. Ngiyakholelwa ke ekutheni uhlelo luzoqhubeka nokuvumbulula amakhono ahlukene uma kuziwa emculweni wesintu okuyiwona ozogqama kulo,” kuchaza uMandla.
Uthe babheke bonke abantu abafuna ukuqhakambisa umculo wesintu nabangeke babheke ukuthi baqhamuka kusiphi isizwe eNingizimu Afrika.
“Simema wonke umuntu ukuthi eze azojabula nathi kulolu hlelo. Ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yalolu hlelo futhi sengibheke ngabomvu ukuthi abantu balubuke,” kuchaza uMandla.
Kulolu hlelo kulindeleke ukuthi oyodla umhlanganiso ahambe nemali engukheshi, izinsiza zokumsiza ukuthi akhule emkhakheni womculo, ithuba lokuqopha umculo wakhe nokunye.
Amajaji alolu hlelo kubalwa uBig Zulu, Msaki, Phuzekhemisi noSho Madjozi.