ISILOMO somlingisi weHostela, uThobani Dlomo, sicishe saba wumgilwa wobugebengu sihlaselwa eGoli ngempelasonto.
UThobani ulingisa indawo kaMndeni emdlalweni onesasasa okhonjiswa ngo-8 ebusuku ngeSonto kuMzansi Magic.
Elandisa uthe ubeya umcimbini kaSjava ngaseConstitutional Hill, eGoli, ngesikhathi ehlaselwa.
“Ngithe sengizofika ngasemnyango ngadonsa iselula ngashayela umuntu ozonginikeza amathikithi ngaphakathi. Kunemoto ebidlula. Kusho ukuthi abaphakathi emotweni bebengikala befuna ukungiphuca iselula,” kusho uThobani.
UThobani, waseMlaza, uthe uzwe kukhona osembhozomela kwase kusuka uthuli lwezichwe phakathi kwabo.
“Ngilwile, iselula yami yalimala mina ngatubeka nje kodwa hhayi ukuthi ngilimale kakhulu. Ngikhulele ekasi mina mfowethu ngeke ngidlale nje omunye umfana. Okubuhlungu wukuthi onogada bebekhona kodwa bazibukela nje bangangilekelela. Ugcine ebaleka wayongena emotweni ebimlindile,” kusho uThobani.
Kusanda kungcwatshwa umlingisi ophambili efilimini iMatwetwe, uSibusiso Khwinana owafa kade ebanjwa inkunzi kufunwa iselula yakhe.
USibusiso, owayedlala indawo kaLefa efilimini kaBlack Coffee noKagiso Lediga, wagwazwa.
“Kuyadabukisa ukuthi izigebengu ziyazicanasela nje lapha eMzansi. Kumele kube khona okwenziwayo,” kusho uThobani.
Uthe akalivulanga icala ngoba ngaphandle kweselula ethintekile yena akalimalanga.Okuhle wukuthi bahlulekile wukuyithatha kwayona iselula, yingakho engasibonanga isidingo sokuvula icala.