UMLINGISI womdlalo iSibongile and The Dlaminis, okhonjiswa kwiMzansi Wethu, uZamuntu Khoza, udalule ukuthi ukuvula amehlo nokusheshe afunde izinto, kwenze waqonda ukuthi uma usemusha kule ndima impatho ayifani neyabalingisi abasebebadala, nokuphoqa ukuzikhandla.
UZamuntu olingisa indawo kaVelephi kulo mdlalo okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6:30 ntambama, uthe lokho ukubone ngaye ngoba sekuke kwaba nezigameko lapho waphoxeka khona ngenkathi ehambele izinhlolokhono zemidlalo.
“Bekungiphatha kabi ukuthi uma ngihambele izinhlolokhono zemidlalo ethile, ukukhuluma kuphambane uma sekumele sivumelane ngemali. Bekuvele kucace ukuthi isamba esibekwa etafuleni senziwa ngabomu ukuthi sibe ncane ngoba ngimusha, into esaziyo ukuthi ayenziwa kozakwethu asebenamava. Kodwa-ke kuya ngokuthi lokho ukubuka kanjani. Kimina kungenye yezinto ezingikhuthazayo ukusebenza kanzima. Nokho ngithi angicacise ukuthi lokhu yinto engikuqaphele ngendlela endimeni, akuhlangene nomdlalo engiqashwe kuwona,” kusho uZamuntu.
Le ntokazi edabuka eClermont, kodwa esizinze ePinetown, iqhube yathi nokho kuyajabulisa futhi kuyayikhulisa ukusebenza kulo mdlalo, ogabe ngabalingisi abasha nasenkantshubomvu, okwenza kuhlale kunezinto azifunda kubona ukuze akhule.
“Nokuthi njengoba iziqephu eziningi zomdlalo ziqoshelwa e-studio, sithola ithuba lokubona kahle ukuthi kusetshwenza kanjani, okwenza sikwazi ukufunda neminye imisebenzi eyenziwayo engale kokulingisa, nokungasiza ukusibeka ethubeni lokukwazi ukwenza imisebenzi yasendimeni,” usho kanje.
Ephefumula ngendawo kaVelephi ayilingisayo kwiSibongile and The Dlaminis, uthe akulula neze ukuzenza umuntu owazi kahle kamhlophe ukuthi awusiyena, kangangokuthi kuyamethusa ukuzibona enza izinto aqonda ngokuphelele ukuthi ngeke azenze okwangempela.
“Nokuthi ukulingisa kubuye kukukhumbuze impilo yakho yangempela ngoba nakimina kwenzeka ezigamekweni zomdlalo lapho ngihlangana khona nobaba. Okungivusele amanxeba ezilonda zakudala ngenxa yokuthi ubaba wami wangempela wangishiya ngisemncane kakhulu,” kusho yena.
UZamuntu uphothule u-matric ePinetown Girls High ngo-2021. Uthe ukhule ebukela kozakwabo abafice kule ndima oSdumo Mtshali, Sindi Dlathu noLinda Mtoba wodumo leSibaya.