UMREPHA waseBergville, uJabulani "Sjava" Hadebe, uqwaqwade bonke ozakwabo bakuleli ngokudla umhlanganiso emunxeni we-Most Streamed SA Hip Hop Artist of 2024, kwiSpotify.
Kulo munxa uSjava uqumbe phansi umkhaya wakhe uSiyabonga "Big Zulu" Nene, umrepha waseThekwini uNsikayesizwe "Nasty C" Ngcobo nowasePitoli, uLehlogonolo "A-Reece” Mataboge.
USjava uthe usizwe ukungalali ebusuku, ezama ucija ipeni uma ebhala izinhlamvu zezingoma zakhe.
"Abanye baze bangihleke bathi nginokhwantalala, ngihamba ngikhuluma ngedwa kanti ngiyabhala."
Unxuse abafuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe ukuba baqinise kakhulu ekubhaleni izingoma ezinomyalezo "ngoba ekugcineni konke kumayelana nokushoyo engomeni. Kudingeka usho okuthize ukuze ngiyokulalela. Umbuzo omile nje ngothi, uthini?“
USjava uthe okwenza umrepha odume umhlaba wonke aqengqeleze phambili kumazwe ngamazwe, yingoba wonke umuntu uyezwa ukuthi uthini "asicikozeni."
Esephetha lo mculi owaqala ukwaziwa elingisa kwiZone 14, ubonge kakhulu kubobonke abachazwa yikhono lakhe lokubhala izingoma nomculo wakhe.
"Ngizoqhubeka nginihloniphe ngasosonke isikhathi uma sekufanele nginethulele umculo owungqo. Ngiyabonga."
Emunxeni wamapiano kuhambe phambili uKabelo "Kabza De Small" Motha waseMpumalanga.
Emculweni kamaskandi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele waseMdletsheni, uyena obaqwaqwade bonke njengoba elale isihlanu sekuqhathwe zonke izinhlobo zomculo.
Intokazi yaseHluhluwe, uLwandile "Lwah Ndlunkulu" Mtshali, iqengqeleze phambili noTyla emunxeni wama-albhamu adlalwe kakhulu.
Kwi-Most Streamed Artists in SA, kuhambe phambili uDrake kwathi uKabza De Small wahlabana kwi-Most Streamed Albums in SA.
UNkosazana Daughter Nzama waseThekwini ungene emunxeni we-Most Streamed Female Artists in SA.