UKUNGABONI ngaso linye kwabalandeli bakamaskandi sekukapakele Eswatini, ngemva kokuphuma kwesidumbu kubangwa ukudlalwa kwengoma kaKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, ejoyintini.
Ngokombiko wephephandaba laseSwatini, iTimes of eSwatini, uMcebo Dlamini waseSigombeni, ugwazwe wabulawa ngumsolwa uMnuz Thobani Sizwe Dlamini (30), ngenxa yokungaboni ngaso linye ngokudlalwa kwengoma kaKhuzani.
Ngokwencwadi efungelwe efundwe eNkantolo eNkulu yaseSwatini, njengengxenye yesicelo sebheyili, umsolwa uchaze ukuthi ingxabano phakathi kwakhe nomufi, idalwe ukudlala kwakhe ingoma kaKhuzani, okucasule umufi nabangani bakhe.
Uthe kuqale kuyimpikiswano kwagcina sekunezinsongo ezishubile.
“Umufi nabangani bakhe, abebehlome ngamabhodlela kabhiya nezinye izikhali ezingadalulwanga, bangimphintshele ekhoneni ngaphakathi ejoyintini. Bangivalela, ibingekho enye into ebengingayenza kodwa ukuzivikela,” kusho amaphepha asenkantolo.
Ubuye waveza ukuthi ushawe waze waquleka. Ukuze aphunyuke, uthe uze waphoqeleka ukuba avule intuba ngokugwaza umsolwa, okuyisenzo athe ubeziphephisa ngaso.
“Lelo qhinga lingisebenzele ngoba isixuku sihlakazekile kodwa ngebhadi washona umufi. Nami bengingafa ngalobo busuku.”
Emuva kwesehlakalo, umsolwa uboshiwe futhi wabekwa icala lokubulala. Wenze isicelo sebheyili eNkantolo eNkulu, esiphumelele wabe esekhululwa ngo-E15 000 (okuyimali yaseSwatini). Ijaji ebelengamele leli cala, uMumcy Dlamini liyalele umsolwa ukuba akhokhe u-E3000 owukheshi, abambise ngenye.
Ethintwa uKhuzani ngodaba, uvumile ukuthi lufikile ezindlebeni zakhe. “Khona kunjalo. Lokhu kuyisihlava esingesihle, nami engisikhuzayo ukuthi akube khona ukubekezelelana,” kushaya uKhuzani ngezinqamulelayo.
Akusona isehlakalo sokuqala lesi kufa umuntu ngenxa yengoma kaKhuzani. Ngesikhathi ingoma yakhe esihloko sithi Umjolo, ihlukanisa unyaka ngo-2023, umlandeli kaKhuzani waseMpangeni, oneminyaka ewu-24, wabulawa ngowembangi oneminyaka ongu-25, kubangwa ukunqoba kukaKhuzani.
Nango-2017 kwiNqoboka Maskandi Festival eyayiseCurries Fountain Stadium, eThekwini, kwadutshulwa kwabulawa abalandeli ababili kwathi abahlanu baphuthunyiswa esibhedlela ngenxa yempi eyaqubuka phakathi kwabalandeli bakaKhuzani, nabakaMthandeni.
Ngaphandle kombango walaba baculi, eminyakeni edlule kwabulawa abalandeli abangaphezu kwabayisithupha ngenxa yokungcofana kweNdidane, noMgqumeni kanye nokwakuphakathi kukaThokozani Langa, noBhekumuzi Luthuli.
Ngo-2016 kwagwazwa kwabulawa amalungu eqembu likamaskandi, Abafana BakaMolo, eBoksburg eGoli ngenxa yombango wengoma. Abashona lapho ngoMxolisi Hlabane, Lehlohonolo Mofokeng, noLebohang Dlamini.
Lezi zigameko zenza owayengumphathi woKhozi FM, uWelcome Bhodloza Nzimande, nomsunguli wamaSatma Awards, uDumisani Goba bathatha isinqumo sokuvala umculo weNdidane, nokaMgqumeni.
Abaculi bahlanganiswa ngo-2009 ukuze bakhumelane umlotha ngaphambi kokudlula emhlabeni kukaMgqumeni ngoDisemba 19, ngalowo nyaka.
Inkosi yangakubo kaKhuzani, uZakhe Mpungose neyayibamba ngakubo kaMthandeni, Inkosi uBonga Mdletshe kanye nomthandazi uThulani “Dr 3 Seconds” Nkwanyana, bazama ukudala uxolo phakathi kwalaba baculi kodwa kwanhlangazimuka nomoya.