KUZOSINA kudedelana izinkakha zomculo kukhunjulwa ingqalabutho emculweni kamakhweyana engasekho, uNtombiza MaNtshaba Sithole eBat Centre, eThekwini, ngoMashi 8 kusukela ngo-12 emini.
KwiNgomboco Tribute Concert kuzobe kunandisa Umkhumbane Jazz Ensemble, Mkhanyiselwa Nzimande waBagqobhi, Matshitshi Ngema, Victor Sithole, Mpolompolo, Samke Cele, Futhi Mahlasela, iLima, KhwestarBang, Durban Hlokoloza, Talent Mzukulu Mbatha, Khoni Miya, Skho Miya, Cabangile Gumede, Vumile Mngoma nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe ngowayengumsakazi we-reggae kwiNanda FM, u-Eric "Coolfire" Hadebe.
UNtombiza odabuka eMntontwane, e-Estcourt, waba yiciko lokuqala ukucobelela ozakwabo ngolwazi lokudlala umakhweyana KwaZulu-Natal.
Ngaphandle kwalokho, usebenze kakhulu nabaculi abahlonishwa kuleli nasemazweni aphesheya kwezilwandle okubalwa kubo uJonas Gwangwa, Madala Kunene, Madosini, Sazi Dlamini, Themba Mokoena, Ndikho Xaba, Njeza Dlamini, Kilo To, Victor Ntshaba nendodana yakhe, uVictor Sithole.
UNtombiza odlule emhlabeni nyakenye ngoDisemba 27, ubenekhono eliyisimanga futhi engumpetha ekudlalweni kukamakhweyana, ikatali, udloko, unomdinsimbane, ubhelebane, isihuzu, isitolotolo, uqoloqalo nezinye izinsimbi zomculo zesintu.
Omunye wabagquguzeli balo mcimbi, uVictor Sithole, uthe izithameli zizobona into yamehlo njengoba kuhlanganiswe umculo wendabuko kuleli nowasentshonalanga.
"Kuzobe kungokuqala KwaZulu-Natal kuba nalolu hlobo lwekhonsathi kodwa sihlose ukuba kwande. Sifuna amehlo abantu base-Afrika athi njo KwaZulu-Natal nokuthi siqhakambise amagugu ase-Afrika ngobuciko," kuphetha uVictor weNsika Yembeleko.
*Imali yokungena kulo mcimbi u-R70.