OZAKHELE udumo endimeni yezobuntatheli nasekulingiseni ukhiphe ingoma kaMasikandi ethi Ey’ntweni, athi izoshisa izikhotha. USihle Mkhize odume ngoNgeney’ntweni uthe, ubone umculo uzomsebenzela kakhulu ngoba ubesenesikhathi esebenzisana nezinsizwa zikaMaskandi ezimkantshubomvu.
Uthe usebenze nabaculi abafana noHhash Elimhlophe noPhuzekhemisi, nathe umfakile kule ngoma yakhe azoyidedela maduze. “Lento engiyenzayo ivele yaqala ngegiya eliphezulu futhi ngiyayibona impumelelo kuyona. Ngikhuluma nawe nje ngimenywe yi-etv ohlelweni lwayo lwasekuseni.
UNgeney’ntweni akamusha ekuhlanganiseni, wathi eqala ebuntathelini wangena egunjini lezintatheli ephethe amakhekhe ezozidayisela, akagcinanga lapho kwazwakala sekuthiwa ubolekisa ngemali, wadlulela ekulingiseni. Abaningi bazomkhumbula elingisa kwiGenerations egunde ngendlela ehlukile. Ube eselibangisa eGoli wasebenzela amaphephandaba afana noSunday Sun noSunday World, kanti useke wadlula nakwiGagasi FM ebheka isiminyaminya emgwaqeni.
Ebuzwa ngokuthi kungani eqoke uMaskandi, uthe ukuhlala noPhuzekhemisi nokunguyena obelokhu emtshela ngoMaskandi kanti futhi uma emvakashela uwudlala njalo, naye waze wagcina esewuthanda. Uthe abantu abalindele into yamehlo. “’Okungichazayo ukuthi abantu abaningi uma ngibadlalela lengoma yami babuza ukuthi bengihlaleleni ngingaculi ngoba nginekhono eliyisimanga,” kuphetha uNgeney’weni ozalwe waphinde wakhulela eLovu, ekhiqize abaculi abafana noNasty C, Phuzekhemisi, Zama Mkhize nabanye.