UNonkanyiso "Laconco" Conco udalule ukuthi owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, wavele wamlaxaza emuva kokuba indodana yabo iqede unyaka izelwe ngo-Ephreli ka-2019.
Emazwibeleni ohlelo lwethelevishini olukhonjiswa kuBET, iBehind The Story, ebezizungeza ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto, uLaconco uthe wabona ngokuthi uZuma angabe esamshayela ucingo, engasamvakasheli futhi engasamondli ukuthi ucu alusalingani.
Eqhuba, uthe engakabi nengane impilo yakhe yayimnandi.
"Ngangimncane, nginobudlelwano nomuntu obalulekile futhi ngisebenza. Umsebenzi engiwenzayo kwakungowokubheka mina, ngizihlalela endaweni yami futhi eThekwini. Ngangizishayelela imotshwana yami encane ngoba kwangithatha isikhathi ukuthi ngizitholele imoto engangikade ngangiyifuna."
Uthe ebudlelwaneni bakhe noZuma eminyakeni edlule konke kwakuhamba kahle futhi enethezekile ngoba uZuma wayenakekela konke.
Emuva kokuba uZuma engasamondli, uthe waqala wazikhohlisa ngokuthi mhlawumbe wayesematasatasa ngokuthize ngoba zaziningi futhi izinkinga ayebhekene nazo.
Kwathi uma kuhamba izinyanga, uLaconco wabona ukuthi kufanele aqongqothe yonke imali ayeyigcinile ukubhekana nezindleko zempilo ayeseyiqalile yomntakabani.
Uthe ekuqaleni kobudlelwano babo wayengenankinga nemali ngoba uZuma wayemnika izizumbulu.
Uthe emuva kokuphela kwemali ayeyibekile, wagcina ebonile ukuthi akusizi ukuqhubeka nokuhlala eZimbali Resort nokushayela imoto yohlobo oluphambili kanye nokuphila impilo yeqophelo eliphezulu.
"Ngabe sengikhuluma noNkulunkulu ukuba ngiqale phansi impilo, ngiyozenzela izinto zami."
Ngonyaka owedlule wafisela uZuma usuku oluhle njengoba ezalwa ngosuku olulodwa nendodana yabo esineminyaka emihlanu.
Echaza ngokungena kwiReal Housewives of Durban, uthe kwamthatha isikhathi ukuba avume ukuba yingxenye yalolu hlelo. Uthe kuyabiza kakhulu ukuba kulolu hlelo.
"IReal Housewives ingobukhazikhazi nokubukisa ngezimoto nemizi ebizayo, okuyizinto engangingasenazo."
Uthe ukuba kwiReal Housewives kuyabiza, uthi uthola udumo kodwa usuke ulukhokhelile.
Eqhuba, uthe wanqaba kaningi ukuba yingxenye yohlelo. Uthe wabatshela ukuthi akasenamuzi eThekwini futhi uhlala eGoli nengane yakhe.
Uthe bamncenga kaningi baze bagcina bephonse ithawula, bavele bamthumelela isivumelwano.
Nakuba kunjalo uthe akazisoli ngokubamba iqhaza kwiReal Housewives of Durban.