UMETHULI wezinhlelo zethelevishini uNonkanyiso ‘LaConco’ Conco uhlube udlubu ekhasini okokuqala ngobudlelwano bakhe nowayengumengameli wezwe uJacob Zuma kuze kube bayahlukana.
ULaConco, obekuzwakala ukuthi wathola imfudumalo kuMsholozi, wenabe kabanzi ekhasini lakhe ku-Instagram lapho eqale kusuka ekhula eveza nezithombe zikaZuma.
"Usuku wuMashi 6 2016. Ngashelwa yisoka lakwaZuma, ngaqoma. Sasibonana lapha nalapha iminyaka emine," kubhala uLaConco, oveze nokuthi ukhuliswe unina emkhukhwini eGoli.
Uthe wayegajwe wuthando futhi wayehamba emahhotela kokunye babonane imizuzu engu-30.
Uthe ngesikhathi elotsholwa kwakungathi uyaphupha futhi 'isoka' lalilokhu limfonela libuza ukuthi izinto zihamba kanjani yize lalimatasa liphuma lingena emihlanganweni.
“Usuku wuNovemba 2016. Wangifonela, ngiyakhumbula ukuthi ngangiphuma emsebenzini wathi kimi 'kumele sifune uphawu ntombi ukuze noma ubani ezobona ukuthi uyingoduso yomuntu',” kusho uLaConco eveza isithombe esinendandatho.
“Le ndandatho yadala okukhulu ukukhuluma ngoba isoka alaziwa eyi kodwa liyasho idayimani ukukhazimula kwalo kwakusho ubukhulu bomnikazi.”
Uthe ngisho eselotsholiwe wakhetha ukuzigcina eyintombi nto futhi wayengenayo ingcindezi.
“Isikhundla sakhe asikaze singethuse futhi nesami isikhundla empilweni yakhe angikaze ngisingabaze ngoba wangikhombisa.”
Uthe ngo-2018 ngemuva kokuba nesidlo sasebusuku kweminye emizi yakhe wacela ukuthi bakhulume.
"Ntombi ngicela ukwakha umuzi nawe, umuzi ngeke siwakhe engekho umuntu wethu... Yebo ngakhile kodwa ngicela umuntu wami ozovundla kuwe mtakaConco."
Uthe ngesikhathi esezithwele wathi kuye, "kunebhuloho elizosihlanganisa ungunaphakade."
Uqhube wathi esemtshela ubulili bengane wajabula waze wamenzela itiye ecula ingoma ye-Soul Brothers. Wayetha ngokuthi uSakhamuzi futhi wazalwa ngosuku okuzalwa ngalo uZuma okuwu-Ephreli 12.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi kukhona okwakumtshela ukuthi lona wesilisa odumile owayemthembise umshado unezinkinga kodwa engasho. Uthe wayengasafoni njengakuqala futhi bengasabonani njalo.
Uthe waqala ibhizinisi ngo-R3 000 ayewunikwe wunina wasungula iLaConco Naturals okuyimikhiqhizo yesikhumba.
"Ngemuva kweminyaka emine ngihlukene nowayengumyeni wami ngacabanga ngokujola. Manje cabanga-ke, ngangiyitshitshi ngajola nomfana oyedwa nje ngase ngihlangana noyise wengane yami. Angazi ukuthi lo mdlalo obizwa ngomjolo lapho umsolwa thizeni wacela ukungibona sabe sesiyazula ukuze sixoxe."
Uthe wayejabule kodwa engazi ukuthi yini elindeleke kuye.
"We oe phela yinye indoda eyake yangibona nginqunu manje lona uze ngani-ke Shembe! Saxoxa, sabuya wase eyangishiya. Ngamala ngoba wayenamakhosikazi futhi mina ngathi ngeke ngijole nendoda eganiwe. Futhi ngangingakuthandi ukuthi ungishela ngoba wazi umlando wami?"