UNINA wesitshudeni ebesnza unyaka wokugcina eNelson Mandela University e-Eastern Cape, uNksz Xolisile Shongwe, uthe usehamba ethuka izanya ngenxa yokusabela impilo yakhe.
UNksz Shongwe waseNewcastle, ongunina kaThandolwami Ndlovu, owadlula emhlabeni ngoSepthemba 29 nyakenye, uthe akasabuthi quthu ubuthongo ngenxa yokuthola izinsongo.
"Angisaphephile. Kungenzeka nanoma yini."
Uthe indodana yakhe yabulawa kabuhlungu ilwela amalungelo ezitshudeni zakulesi sikhungo.
Echaza uNksz Shongwe, uthe indodana yakhe yagxotshwa ngamatshe ngonogada maqede yashayiswa ngemoto yisikhulu esibhekele indawo ehlala izitshudeni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uWarrant Officer Majola Nkohli, wasiqinisekisa lesi sigameko.
Wacashunwa ethi amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso emuva kokuba owayehamba ngezinyawo ashayiswa yimoto emgwaqweni uClyde Street, eCentral ngoSeptemba .
Eqhuba uNkohli, wathi imoto eyiMercedes-Benz isolwa ngokushayisa umufi maqede washonela endaweni yesigameko.
"Indlela ashona ngayo iyingxenye yophenyo."
Ngokwesitatimende sakulesi sikhungo sezemfundo ephakeme, uThandolwami kusolwa ukuthi washayiswa yimoto emuva kokuhilizisana okwaba phakathi kwakhe nesikhulu salapho kuhlala khona izitshudeni.
"Inyuvesi ishaqekile futhi iyasigxeka lesi sigameko esingenangqondo. Iqhubeka inyuvesi ithe lesi sikhulu sibekwe icala lokubulala ngokungenhloso futhi siyabambisana nabaphenyi.
"Inyuvesi izokwenza olwayo uphenyo."
Yize uThandolwami abeyisishoshovu sophiko lwezitshudeni ezidlelana ne-EFF kodwa uNksz Shongwe, uthe leli qembu selimlaxazile kangangoba uselekelelwa yiMK Party ukulwela ubulungiswa ngokubulawa kwendodana yakhe.
Unxuse umphakathi wangakubo eNewcastle ukuba umphelezele njengoba abasolwa bezobe bevele enkantolo yakulesi sifundazwe.