SEKUVELE ukuthi ikhulunyelwa phansi emndenini indaba yokugula kukasomabhizinisi obuye athule izinhlelo kwithelevishini, uMusa Mseleku.
UMusa kuvela ukuthi ulaliswe esibhedlela isikhashana njengoba bekungathi ushaywa isifo sohlangothi.
Umthombo weSolezwe osondelene nomndeni wakwaMseleku uveze ukuthi uyamangala ukuthi kungani kungavelanga kwabezindaba njengoba eke wangaphatheka impela.
“UMusa uke wagula emasontweni adlule njengoba bekungathi ushaywa isifo sohlangothi waya esibhedlela. Kodwa manje usengcono, uma ubheka muva nje, usefaka izibuko zamehlo azithole ngemuva kokungaphatheki kahle empilweni,” kuchaza umthombo.
UMseleku uma ethintwa abezindaba, ujwayele ukutholakala, kodwa sekuyisikhathi esingangenyanga leli phephandaba lizama ukuxhumana naye ocingweni lwakhe kodwa lungangeni.
Isolezwe lithole ukuthi usamile ukukhuluma nabezindaba njengoba efuna ukululama kahle, wathi ngisho nabanye asebenza nabo usamile ukukhuluma nabo.
Omunye umthombo uthe uwajwayele amakhosikazi kaMseleku amabili uMaCele noMaNgwabe kodwa muva nje sincane isikhathi asichitha nawo.
“Mina uMusa siyaxhumana naye ngokomsebenzi kodwa muva nje angimtholi. UMaNgwabe sisondelene kakhulu naye kodwa angimtholi ocingweni. Mina naye sike sixoxe ngisho izindaba ezijule kabi kodwa muva nje asixoxi, kungenzeka ukuthi lolu daba badonswe ngendlebe ukuthi bangalukhiphi kwabezindaba nasemphakathini,” kusho umthombo.
Kwenzeka lokhu nje sekuvele ukuthi uzobonakala kwisizini entsha eza ngoJanuwari, owesifazane othandana noMusa Mseleku.
Isizini yesishiyagalombili kulindeleke ukuthi iqale ngoJanuwari, kuMzansi Magic.
Isolezwe lithole ukuthi owesifazane uzobonakala eziqeshini ezintsha futhi nasemagcekeni akaMseleku useke wabonakala ekhwishiza khona.
Umthombo weSolezwe osondelene nokuqoshwa kwalolu hlelo, uveze ukuthi akukho ukungabaza njengoba owesifazane isizini edlule yaphela ebonakala engena endaweni yokudlela elindwe uMusa ngoba usengenile esithenjini njengonkosikazi wesihlanu.
“Siyabona ezinkundleni zokuxhumana abantu badidekile ukuthi ngabe ukhona yini ngempela unombolo 5 noma cha. Ngingakutshela nje ukuthi kulolu hlelo ukuqopha isizini entsha sekuyela emaphethelweni futhi okuningi besikwenza naye ekhona, kodwa okuningi nami ngeke ngikuveze, kuzobonakala ohlelweni. Angazi noma uke wabona yini ezinkundleni zokuxhumana kukhona abaveza ukuthi lona wesifazane ukhona emzini wakwaMseleku kodwa mina engingakusho ukuthi abantu abalindele isizini entsha konke kuzocaca kuyo,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi le sizini iza nokuningi okusha njengoba izingane sezikhulile, kuzogqama kakhulu ubudlelwano bukaMseleku namakhosikazi akhe.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic uthe bazomemezela kuleli sonto izinhlelo ezintsha ezizobonakala esiteshini sabo ngoDisemba nangoJanuwari.
Kuleli sonto kulindeleke ukuthi kuqale ezinye ezintsha okukhona kuzo AmaGrootman noMnakwethu Happily Ever After.