UMYENI kaZanele Mbokazi, uMbhishophi Mpendulo Nkambule uthi umndeni wonke uhlalele ovalweni ngemuva kokuthi odokotela bebatshele izindaba zokuthi uZanele utholwe nomdlavuza wamaphaphu.
UNkambule ukusho lokhu ohlelweni iVuka Mzansi izolo ekuseni, njengoba bebezotshela abalaleli balo msakazo ngesimo sokugula kukaZanele.
UZanele uqale ukugula ohlelweni alushayela kulo msakazo elithi Eshilo, nolungena ngeSonto ngo-9 ekuseni.
Kwaphoqa ukuthi uZanele angaqhubeki nokusakaza ngemuva kokushelwa izwi ehlatshwa nayisibhobo, uhlelo lwaqhubeka lwashayelwa uThokozani MaMkhize Ndlovu.
Ekhuluma ngesimo sikaZanele, uNkambule uthe badinga umkhuleko nakakhulu ukuze bakwazi ukudlula kulesi simo.
“UZanele ngemuva kokuthi egule emsakazweni, sakhetha ukuthi ngoMsombuluko sivuke siye esibhedlela ukuze athole ukwelaphela. Kula odokotela abakhetha ukumhlinza base besitshela ukuthi bathole ukuthi unomdlavuza wamaphaphu. Sikhetha ukumemezela kanjena ngoba singafuni abantu bakhulume izinto abazibona ezinkundleni zokuxhumana njengoba kukhona asebebhala abakuthandayo ngalesi simo,” kusho uNkambule.
Uthe lesi simo sibathusile bengumndeni kanjalo nezingane zabo.
“Kodwa okukhulu nakakhulu ukuthi sihlalele ethembeni. Umkhuleko iwona osisizayo kulesi sikhathi samanje. Siyanxusa ukuthi niqhubeke nisikhulekele. Sizwile ukuthi kukhona amaqoqo asenziwe ukukhulekela uZanele, siyathobeka kakhulu siyacela ukuthi amabandla nabefundisi baqhubeke nokusilethela umkhuleko kulesi sikhathi esinzima,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi konke okuthinta isimo sempilo kaZanele ukuya phambili, bazokumemezela ekhasini lakhe kwiFacebook.
Uthe uma kungaveli lutho, bangalinge balalele okungaveli kuleli khasi njengoba kuyobe kungamanga.
Ekhasini lakhe kwiFacebook abantu bafisele uZanele ukwelulama.
UBonnie Cynthia uthe, “Ngikufisela ukululama ngokushesha Mama Zanele, siyakuthanda, abakaJehova abasozwe bajabhiswa. Usululeme egameni likaJesu.”
UPrincess Dlamini uthe, “Siyakuthanda futhi siyakukhulekela, uzophuma kulowo mbhede ululeme njengowesifazane othandazayo.”
UBusisiwe Fasting Nkosi uthe, “UNkulunkulu uzoba nawe sisi uzophola, siyamthemba”.