UNAMEKE isithombe esikhombisa ukuthi ukhulelwe futhi uTamia Mpisane ongunkosikazi ka-Andile Mpisane.
Lokhu ukwenze emizuzwini emibalwa kanti isithombe besiphelezelwa wumbhalo othinte abaningi.
"Izibusiso nomusa kaNkulunkulu. Wenziwe ngothando nokuthandwa. Sengijahile ukukubona sithandwa sami," kuloba uTamia.
Ngokuwayelekile osaziwayo bavamise ukukudalula uma sebazi ukuthi balinde ingane yabuphi ubulili, bese bememezela nakho.
UTamia akazange acacise noma ulindele indodakazi noma indodana. Kepha, kunabantu abaningi asebeqalile ukumhalalisela ngokuthi bamthumelele imiyalezo ezinkundleni zokuxhumana.
"Ngiyakubongela sithandwa sami," kusho uMpho Choariis.
"Ubukeka umuhle kakhulu, ngiyakubongela," kusho uNana Gcaba.
"Hhayi bo! u-Andile uyamithisa bakwethu," kubabaza uSiza Ntombenhle.
Akuyona ingane yokuqala kaTamia no-Andile, banezibulo abalithola ngemva kwesikhashana beshadile. Ngaphandle kwezibulo labo, akhona namadodakazi ka-Andile angaconsi phansi kulo mndeni, awathola esazwana noSithelo Shozi.