UKHISIMUSI uzosheshe ufike kubathandi bezinganekwane njengoba ingwazi yomxoxi wazo ehlonishwa umhlaba wonke, uDkt Nokugcina Elsie "Gcina" Mhlophe, ishicilele incwadi yayo esihloko sithi Nomkhubulwane, African Mother Christmas.
UMam'Gcina (65) wethula ngokusemthethweni lo msebenzi wobuciko eHillcrest Aids Centre, ePinetown, ngoLwesine ngo-12 emini.
Izethameli zalo mcimbi zizothola ingqayizivele yethuba lokuzizwela le ngqalabutho izifundela bukhoma le ncwadi. Kafushane, leli bhuku likhuluma ngodaba olwenzeka eValley of Thousand Hills ngezikhathi lapho abantu bebuyile emadolobheni amakhulu, bezibhukudela emfuleni emakhaya, bedlalela elangeni futhi beswenke ngezimpahla zikaNokusho.
"Ngaphandle kwezitolo ezimatasatasa zaseThekwini, uThando ubona owesilisa ogqoke ngendlela engaqondakali. Yilapho efunda khona ukuthi uFather Christmas ngumuntu onjani futhi onesihe onikeza izingane izipho," kusho isitatimende.
Uma ngabe ufuna ukwazi ukuthi ngabe lo baba uzokwazi ukupha izingane zangakubo kaThando izipho ngoKhisimusi nokuthi ngabe udaba lukaNomkhubulwane luzoba yiqiniso, kuzofanele uzifundele le ncwadi. Nyakenye uMam'Gcina uqophe umlando ngokuba incwadi yakhe yodumo esihloko sithi Nozincwadi The Mother of Books, ixoxwe ngolimi lwezandla.
Uthe wathatha isinqumo sokuqopha le ncwadi nge-video ngenhloso yokwenza iqondwe nangabantu abayizithulu emhlabeni jikelele.
"UNozincwadi uyingxenye yomkhankaso esawuqala ngo-2001. Sesiwuqhube yonke le minyaka. Ngo-2021, besigubha nje ukuphela kweminyaka ewu-20 waba khona. Ngawo lowo nyaka sashicilela le ncwadi ngolimi lwabangaboni (braile). Kwafika abantu abanamakhono ayisimangaliso nabaculi abangaboni."
UMam' Gcina uthe wakujabulela kakhulu ukulalela abantu befunda incwadi yakhe ngolimi ayengakwazi ukulifunda.
"Babethinta amaqhuqhuva nje, iphume indaba. Kulo nyaka ngithathe isinqumo sokusebenzisana nabe-Videovision Entertainment, basilekelela ngethimba labo lamakhamera.
“Uthishanhlonhloko wesikole sabantwana abangezwa, iVulindlebe School for the Deaf, uNkk Nomathemba Ndlovu, uhambe nami sayoqopha uNozincwadi The Mother of Books kwi-video ukuze sikwazi ukuyithumelela ezikoleni zabantwana abangezwa. Othisha bezikole zabantwana abangezwa bebekhala."
Le ncwadi esihloko sithi Nozincwadi The Mother of Books Sign Language Video yathulwa ngokusemthethweni, eBessie Head Library, eMgungundlovu, ngoSepthemba 8, nyakenye.
"USepthemba 8, wusuku olusemqoka kakhulu kithi ngoba yilo esasungula ngalo uNozincwadi The Mother of Books ngo-2001, emuva komjikelezo. Njalo ngonyaka senza okuthize ngalolu suku," kuphetha uMam'Gcina onekhono lokuxoxa izinganekwane ngesiZulu, isiNgisi, isiBhunu nesiXhosa.
Ngo-2016, wahlonishwa yinhlangano yezokusakaza i-BBC ngomklelisa nabesifazane abawu-100 abavelele emhlabeni ngenxa yamagalelo akhe.