USAZIWAYO waKwaNdengezi, ePinetown, uBongani "DJ Bongz" Dlamini, uphenye elinye ikhasi emlandweni wakhe ngokuthenga enye yezindawo ezinedumela eThekwini, iViews At 25.
Lo DJ, wodumo lwenoni elithi Stuck On You nelithi Thina Sobabili, uyiqambe kabusha le ndawo eseMorningside wathi yiViewz Urban Grill and Rooftop Lounge.
Yize imizamo yokuthola ukuphawula kukaBongz (39) ingaphumelelanga kodwa ekhasini lakhe le-Instagram ukuqinisekisile ukuthi le ndawo izovulwa kabusha khona maduze.
"Siqasha oweta besifazane namantombazane azobe ebhekene nomsebenzi wokuletha amabhodlela," kusho isikhangiso esifakwe nguBongz ekhasini lakhe.
Kuthiwa okudingekayo kwabafuna le misebenzi ebalwe ngenhla ukuthi bathumele izithombe ezimbili ezigcwele nesiyi-portrait esisodwa, bafake imininingwane yabo ku-Instagram bese bethumela (le mininingwane) ku-infoviewz032@gmail com noma ku-069 544 1639 noma bazifikele mathupha ku-25 Silver Avenue, Morningside, Durban.
Kosaziwayo abashayele uBongz ihlombe, ngaleli gxathu lokusungula amathuba emisebenzi ngale ndawo ebisinesikhathi ingasebenzi, kubalwa nomlingisi ongumethuli wezinhlelo kwithelevishini, uLerato Mvelase.
UBongz akasagcini ngokukhiqiza umculo njengoba esanda kukhipha inoni elithi Imifula kodwa usebuye ahlele nemicimbi njengoba ngempelasonto esiphuma kuyo ubeneSocial Link eShongweni Club-Polo Pony ehambe kahle kakhulu.
Nenkampani eyaduma kakhulu eminyakeni eyedlule, iMabala Noise Records, yasungulwa nguye ngaphambi kokuyidayisela uReggie Nkabinde owayengumgcinimafa we-ANC Youth League.
Yayiqale iyiMabalabala Records okuyigama elalisuselwe engomeni yakhe eyayithi Inja YakwaBongz Emabalabala nokwakucula kuyo uPius Shezi oyilungu leLadysmith Black Mambazo neShabalala Rhythm.
UBongz ubuye wazakhela udumo emhlabeni jikelele ngomdanso wakhe obizwa ngeGwaragwara, ogcine sewudanselwa nangabaculi abadumile.