ILOKHU ingene njalo imiyalezo yothando ebhekiswe komunye wosaziwayo onameke imiyalezo eshaqisayo yokufikelwa imizwa yokuzibulala. UDineo Ranaka, ubalise ngobunzima bempilo nangendlela azama ngayo ukulwa nezingqinamba kodwa ubona sengathi akwanele. Udalule ukuthi kumenza afikelwe umuzwa wokuzibulala kepha uzama ngazo zonke izindlela ukungakwenzi.
Ozakwabo emkhakheni wezokungcebeleka bamthumelele imiyalezo eyakhayo nekhuthazayo bekhombisa uthando ngezindlela ezahlukene.
"Nala uzodlula," kududuza uKelly Khumalo.
"Ayikho inkinga yangunaphakade, qina ndlovukazi konke kuzodlula," kusho uMakhadzi.
"Qina dadewethu, ngizokubeka emkhulekweni nezingane zakho," kusho uDJ Sbu.
"Siyakuthanda nana, kungabukeka kunzima okwamanje kodwa kuzodlula," kusho uNhlanhla Mafu.
"Nalokhu kuzodlula Dineo," kusho uMrs K.