KWAZE kwabuhlungu okwehlele isiqumama saseThekwini, uKgolo “Da Guru” Mthembu. Le ncwasimende beyingumacaphuna kusale eminyakeni eyedlule. Inonyanyavu lwezimoto, izithabathaba zemizi ezindaweni zabadla izambane likapondo futhi ishade nosaziwayo wodumo kwiReal Housewives of Durban, u-Annie Mthembu. Lo mbhemu ubeswenka ngezimpahla ezimba eqolo. Konke kuhambile, ngisho nomfazi imbala. Ngishaqekile sengibona uKgolo esencenga abantu ukuba bathenge ifeshini yakwakhe kwiFacebook ukuze axoshe ikati eziko. Omanalapha ngikutshele bahamba bephuza itiye ngoKgolo, bethi ubulopholo kuye buqale ngesikhathi ehlukanisa no-Annie.