KUKHONYE amaciko aKwaZulu-Natal kuma-16th South African Traditional Music Achievement (Satma) Awards abeseMbombela, eMpumalanga ngempelasonto edlule.
Inkundla ivulwe ngusonkondlo waseNkandla, uKwazi Nsele emkhakheni weBest Indigenous Poet. Kube sekuza izinsizwa zaseMpophomeni, eHowick, iMC Records KZN ngendondo yeBest Afro Song.
Umculi we-Afro house wasoLundi, uNKR, uqumbe phansi uCandy Tsamandebele neQTwins kumunxa weBest Traditional House Music Song.
USgwebo Sentambo ukhale wemuka nomklomelo weBest Maskandi, ehlula umkhaya wakhe uCevuzile waseMpangeni neChwane Lebhaca ngengoma ethi Izwe Alibuyele kuZuma.
Ama-Q Twins aKwaDukuza athathe indondo yeBest Traditional Collaborating Song neyeBest Female Artist/Group. Imiklomelo yawo yemukelwe nguyise kaVirginia noVirgy, uLawrence Qwabe.
Umculi waseMnambithi, uMenzi Mabizela, uhlabane ngomklomelo weBest Upcoming Artist/Group.
Ababuye beshwiba izandla yimbongi yaseRichards Bay, uMagcwabe, uSjava waseBergville, Ichwane Lebhaca laseXobho noMbuzeni waseMkhomazi obeqokwe emunxeni weBest Traditional Producer.
Omunye umculi obeqokwe emikhakheni eminingi nguCandy Tsamandebele ongatholanga ngisho eyokubika ekhaya indondo.
Umculi odle umhlanganiso emkhakheni omkhulu weBest Traditional Music Artist nguNomtiti, ehlula uCandy Tsamandebele neChwane Lebhaca. Umsakazi wesiteshi somphakathi ovelele kube uSilulami Dumza Dumezweni weNkqubela FM.
Izethameli zijatshuliswe wukubona ibhendi yakuleli esimnkantshubomvu, iStimela, inandisa emuva kokushiywa yimigogodla yalo uNana Coyote (2010), Ray Phiri (2017) no-Isaac "Mnca" Mtshali (2019).
Kulokhu beyiholwa wuSam Ndlovu noMandisa Dlanga engomeni ethi Zwakala nethi Whispers in the deep. UKelly Khumalo usukumise izethameli ngengoma yakhe ethi Empini nethi Esiphambanweni, abehlonipha ngayo amaciko angasekho.
UNtencane ubakhumbuze inoni ahlukanisa ngalo unyaka ngo2019 elithi Wawuthembeni.
NoDJ Mngadi unyakazise abathandi bomculo wokujuxuza ngengoma yakhe naMaSiblings ethi Uthando Lwami.
Umcimbi uvalwe yizilomo zama-piano, Amaroto (okunguReece Madlisa noZuma).
Kosaziwayo abebezimazise lomcimbi kubalwa uMlungisi "Skandi Kid" Mathe owayengu-Emkay kwiSkeem Saam, Nicholas Nkuna onguFikani Chauke kwi-7de Laan, uKea Leburu onguBontle kwiSkeem Saam, uLesley Masina wodumo lukaNdalamo kuMuvhango, uMike Dlangamandla onguDkt Lindelani Zulu kwiDurban Gen, uTshepo Senatla onguKoloi kwiSkeem Saam, uSiyasanga Papu onguBeauty kwiGomora, uMaduvha Madima onguNgqongqoshe Lufuno Mudau kwiThe River, umsakazi we-Icora FM uNozipho Zulu nozakwabo uMC Maswidi Mbatha, umphathi wezinhlelo kwi-1KZN TV nabanye.
Omunye wabaphathi bohlelo bekungusomahlaya, uMduduzi Ntuli. Kulo mcimbi kubuye kwaqhudelwana ngemfashini futhi bebeswenke beconsa.