OSAZIWAYO bakuleli abasalanga ngaphandle abanye bahalalisela iSilo uMisuzulu kaZwelithini, njengoba besenzelwe umcimbi wokusifaka esibayeni sibikwa koyisemkhulu asebalala.
Lo mcimbi ubuwenziwe esigodlweni lapho sizalwa khona iSilo uMisuzulu kaZwelithini kwaKhangelamankengane, KwaNongoma ngoMgqibelo.
Kosaziwayo ababonakale kulo mcimbi kubalwa abalingisi, abaculi namaciko ahlukene adonse amehlo abaningi ngemvunulo. Phakathi kosaziwayo, odonse amehlo nobevunule econsa ngeyaseSwatini, uLorraine Moropa, olingisa indawo ka-Olerato kwiThe Queen.
Kwabanye akade bekhona abasakazi boKhozi FM, okukhona kubona uTshatha obengene shi ebuthweni.
Umsakazo uKhozi FM, ubusakaza bukhoma esigodlweni izinhlelo zawo ezihlukene kusuka ngoLwesihlanu.
Ngisho ezinkundleni zokuxhumana belilikhulu isasasa abanye osaziwayo okukhona kubo uNomzamo Mbatha bahalalisele iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokugcotshwa kwaso ngokubhala umbhalo othi “Bayede! Wena weZinyandezulu” emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.
USizwe Dhlomo ongumsakazi uthe “Usekhulumile uBayede. Kumele sibezwe kodwa singabalaleli. Bayede”.
Umculi kamaskandi Igcokama Elisha libhale ukuthi:“Sithi Bayede wena weNdlovu King Misuzulu”.
Abalingisi bomdlalo iDurban Gen uNombulelo Mhlongo noSthandwa Nzuza nabo bebeyingxenye yalo mcimbi.
UNombulelo uthe: “ISilo sesisesihlalweni. Inhliziyo yami igcwele izibusiso, ngibone ubuso babantu abaningi”.
Inkampani yokuqopha iBomb Production nayo ayisalanga ngaphandle ukumfisela ithe: “Sifisela iSilo ukuphatha okuhle, okuhambisana nokuthula kulo mlando oqopheke ngempelasonto”.