ISASASA ngohlelo oluxoxa ngempilo yomndeni waKwaBala, iThe Bala Family nobuningi bezindaba zakulo muzi, kudale ukuthi kwenzeke okungajwayelekile ngoba luzokhonjiswa ngeziqephu ezingu-14.
NgeSonto bekulindeleke ukuthi luphele kodwa kwaphinde kwavezwa isiqephu esizokhonjiswa ngeSonto elizayo.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic, uveze ukuthi ubuningi bezindaba akade zishuthwa kulo mndeni yikona okuholele ekutheni kube neziqephu eziningi.
“Kuyenzeka ukuthi ngesinye isikhathi uma uhlelo ludonse amehlo abantu ngesizini yokuqala bese uma luqhubeka kube nezindaba eziningi ithimba elishuthayo eliziqophayo bese njengesiteshi uma sibuka kuphoqe ukuthi sizikhombise zonke, ukuze abantu bangaphuthwa yilutho. Kodwa engingakusho ukuthi isiqephu sangeSonto elizayo esokugcina futhi abantu bazosala befisa ukuthi kubuye isizini yesithathu uM-Net osazobheka ukuthi izoba khona noma cha,” kuchaza u-Irvin.
Selokhu lwaqala uhlelo ngesizini yokuqala abantu balujabulela ngenxa yokuthi lwaveza izinkinga zomndeni walwaBala.
Ukuhlukana phakathi kwalezi zelamani nobekungaziwa emphakathini yikhona okudonse amehlo abaningi ukuthi babuke lolu hlelo.
Ekuqaleni kwalo nyaka uNomsa Philiso ongumphathi wakwaM-Net kuleli, waveza ukuthi uhlelo lube ngolunye olwenze kahle futhi bazolubuyisa ekupheleni kwalo nyaka.
Ngesizini edlule uZwai Bala, wayegxekwa kakhulu ngokuhlala eqondisa abakubo uPhelo noLoyiso uma kukhona lapho bengenzi khona kahle.
Kodwa muva nje kugxekwe uPhelo ngendlela aziphatha ngayo uma esephuze utshwala, kanjalo noLoyiso nomkakhe uJen ngokuhlala besohlangothini lukaPhelo ngisho enza amaphutha.
Abantu baphawulile ezinkundleni zokuxhumana babeka kanje:
U-@new_vic_ uthe “Ngesinye isikhathi ungacabanga ukuthi unamadlozi kanti ingcindezi, uPhelo udinga usizo lodokotela abaphezulu bezifo zomgqondo ukuze basize ngomndeni wakhe nezinye izinto abhekane nazo empilweni”.
U-@iamtvheadrobot uthe “Yo kwaze kwabuhlungu ukubona umndeni ubhidlika kanje. Uyabona nje ukuthi akuwona umdlalo le, yinto ababhekene nayo njengomndeni”.
U-@Mama_KGOTLI uthe “UZwai unenhliziyo embi futhi ubabukela phansi abafowabo akafuni ukubalalela”.