KUSHAQEKE ababukeli be-e.tv ngesikhathi kuvela zindaba zokuphela komdlalo othandwa abaningi, Isiphetho.
Kubikwa ukuthi ngeke ibe khona isizini yesibili yomdlalo njengoba kubhekwe ukuthi ugoqwe ngo-Ephreli wangonyaka ozayo
UMpumelelo Nhlapo oyi-Executive Producer yenkampani ekhiqiza lo mdlalo iBlack Brain Pictures, uthe kube yintokozo kubona njengenkampani ukuba nomdlalo obukiswa ngo-6h30 ebusuku.
“Ukuthola isikhala ngalesi sikhathi kusifundise lukhulu futhi sithanda ukubonga isiteshi ngokusicathulisa.
UMandla N onguMqondisi weBlack Brain Pictures uthe bekuyisibusiso okwenza lolu hlelo, wabonga ithimba lonke ngeqhaza lalo kulo msebenzi.