NGESIKHATHI uNoxolo Mtshali, ememezela ngo-Ephreli walo nyaka ukuthi usethi khumu ekufundeni izindaba zesiZulu kuSABC 1, kwaphoxeka ababukeli abaningi ebabezifela ngale ntokazi.
Okwaqaqambisa izinhliziyo ukuthi uNoxolo akayichazanga imbangela yokuhosha kwakhe imfe. Yingakho iningi lijabulise okwengane ikhangezwa amakhekhe uNoxolo ebuya nezindaba zokuthi useshaya ibuya kulesi siteshi emuva kokuhlala ekhaya izinyanga ezinhlanu.
Uthe ugogo wakhe ubesehlale evula izindaba zango-7 ebusuku ngethemba lokuthi uzombona umzukulu wakhe.
Uthe imiyalezo abehlale eyithola zinsuku zonke emenze wabuyela kalula emsebenzini wakhe ngesikhathi ebizwa.
Eqhuba uNoxolo, uthe ubengeke azizibe izikhalo zababukeli bezindaba zesiZulu. "Yingakho ngithobeka kakhulu ukunazisa ukuthi intombazane yenu iyabuyela kwithelevishini. Ngizofunda izindaba zokuqala ngoMsombuluko ngomhla ka-2 Septhemba. Uthando eningipha lona liyangithoba ngempela. Asiqhubeke siqhakambise ulwimi lwesintu, lungafi ngathi. Izindaba zesiZulu zikuSABC 1 njalo ngo7 ebusuku."
UNoxolo wadabukisa kakhulu ngesikhathi evalelisa kubabukeli bezindaba zesiZulu kuSABC 1.
Wathi enhliziyweni yakhe kugcwele usizi njengoba esebhala incwadi yokuvalelisa emuva kweminyaka ewu-15 eyibambe ishisa enhlanganweni yezokusakaza kuleli. Echaza ngohambo lwakhe, uNoxolo waveza ukuthi waqala engumethuli weKids News ngo-2009 ngaphambi kokwedlulela ekwethuleni isibikezelo sezulu ezindabeni zango-7 ebusuku wagcina esefunda izindaba zasemini nezasebusuku.
NgoJuni nyakenye uNoxolo wabuye wasakaziswa uhlelo lwasekuseni lwamahora amathathu, Ekhaya Jikelele kuSABC News DTT Channel phakathi kuka-6 no-9 ekuseni.
Wathi ayikho into ayithanda ukwedlula ukufunda izindaba zesiZulu nokuqhakambisa ulimi lukaMageba.
Ubuya nje uNoxolo, akukacaci ngekusasa likazakwabo uSakhiwo Sokhela, okwavela ukuthi wakhonjwa indlela kulesi siteshi ngenxa yokuthi akafikanga ngelinye iSonto ukuzofunda izindaba. Kwavela ukuthi wazitshela ukuthi uzongena ngolunye usuku, zagcina zingafundwanga izindaba ngalolo suku.