UMLINGISI waseThekwini, uPortia Ncwane, uzokwethula ifilimu yakhe esihloko sithi Tales of a Zulu Folk Dancer/Igida Ngoma, emcimbini ozohanjelwa yizimenywa ezikhethekile kuphela, eSter-Kinekor, eMhlanga Gateway, eThekwini namhlanje ngoLwesine ngo-8.30 ebusuku.
UPortia, ozakhele udumo ngokulingisa kwiMbewu The Seed, uthe izitatanyiswa ezizobe zidlubhe imiswenko eqhakambisa i-Afrika zizoqala ukutheleka ngo-5.30 ntambama.
Uthe phakathi kuka-6 no-7 ebusuku, izimenywa zizothola ingqayizivele yethuba lokwazana kangcono nokucobelelana ngolwazi.
Okunye okuhlabahlosile okuzokwenzeka emuva kokukhonjiswa kwale filimu, izithameli zizotika ngomculo wasemvalelweni obizwa ngemvumo nangendlamu.
Kule filimu kuboshelwe nabaculi bakamaskandi, namagidangoma okubalwa uGadla Bethithiza Nxumalo,Senzo Mayekisa Gumede,Thabile Mzobe, Zakhele Mshovo Ntombela, Lindokuhle Qagela Nxumalo, Mpilo Magubane, Siphosethu Mfan’ Zoso Zulu, Luthando Minute Dlamini, Melusi Mahaye, Nomhlengi Saxhutha Nxumalo, Andile Mpanza, Phasika Mngadi, Saziso Xulu, Siphosenkosi Sibiya noBusani Ngcobo.
UPortia uthe ifilimu izobuye ikhonjiswe ngokusemthethweni kuGu Film Festival ngenyanga ezayo.
Uthe okwenze wathatha isinqumo sokuthi agxile ohambweni lomuntu oyigidangoma, wukuthi akukuningi okushiwo ngamagidangoma kanti kunendlela abekelwe ukuthi aziphathe ngayo ukuhlonipha umsebenzi wawo.
Uthe abantu abaningi bazi ukuthi uma uyigidangoma uyagida bese kuphela kanjalo kanti akunjalo.
“Miningi imithetho ebekelwa amagidangoma futhi anendlela aphila ngayo. Ngenxa yokuthi ibingakaze ibe khona ifilimu ekhuluma ngawo, akukuningi okwaziwa abantu ngawo, nokwenza bazitshele ukuthi okwawo kuphelela ekugideni kuphela,” kusho uPortia.
UPortia uthe kulo mdlalo kucaciswa nangamatemu ajwayele ukusetshenziswa kumaskandi ukuthi kungani kusuke kubizwana ngaleyo ndlela.
Ngaphezu kokuthi ungumdidiyeli wefilimu, uPortia ungomunye wamagidangoma ahlonishwa umhlaba wonke futhi usewujikelezile umhlaba. Lokhu kwenze wakwazi ukuqhamuka nalolu hlobo lwefilimu ngoba uyazi kuningi okudingekayo ukuze ube yigidangoma elivelele.
Lo mlingisi akamusha endimeni kaqedisizungu ngoba uke wahlonishwa yiNational Heritage Council of South Africa ngomsebenzi awenzayo kwezobuciko namasiko kuleli.
Kulo nyaka uPortia uhlabane ngendondo yeShero kwiGagasi FM emkhakheni wezokungcebeleka nomculo.
Uphinde abe ngumsunguli wePortia Ncwane Foundation neSbani Media Productions, okuyinkampani egxile ezintweni zobuciko. KwiTales of a Zulu Folk Dancer: Igida Ngoma, usebenze noSbusiso Hlongwa we-Embo Films neNyachengos Films.
Le filimu uthe bebengenaluxhaso kodwa bayenze ngokuzinikela ngenxa yokuthanda umsebenzi wabo.