UMLINGISI owazakhela udumo ngokulingisa indawo ka-Archie Moroka kwiGenerations, uSello Maake kaNcube nomkakhe, uPearl Mbewe Maake KaNcube, basangena ezintangeni ngamahlebezi okuthi ucu alusalingani kubo futhi baphezu kwamalungiselelo okuhlukanisa umshado wabo.
Kuqale uPearl wabhala ukuthi akave efisa ukuthi abantu bahlukane noSello, maqede wamncoma.
Uthe kule nkulumo yakhe ebukeka sengathi uvikela uSello, “iqiniso ukuthi ukuba nawe kunginyusele kwelinye izinga engangingakaze ngacabanga ukuthi ngiyoke ngibe kulo.”
Uthe uyohlale emthanda uSello futhi nomfutho anawo ngeke uze unyakaziswe yilutho.
“Uyindoda eqotho, ubaba, indodana nelungu lomndeni. Ngaphezu kwakho konke, bewungumyeni omuhle noyisimangaliso,” kuqhuba uPearl.
Eziphendulela enkulumweni yomkakhe, uSello uthe abantu bayashesha ukwahlulela.
“Emuva kwazo zonke izinkulumo ezimbi nezinhlamba, iqiniso yilo eliyosikhulula. Bengihlale futhi ngiyohlala ngisendaweni yami njengendoda nomyeni,” kuphawula uSello.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwalezi zithandani ezashada ngo-2021, ayiphumelelanga kwahluleka ngisho sezithunyelelwa imiyalezo.
Lezi zithandani zikhuluma kangaka nje imithombo yezindaba nezinkundla zokuxhumana, zisanda kuveza ukuthi uPearl noSello bahlukana ngonyaka owedlule futhi sebesemalungiselelo okuhlukanisa.
Ngokwale mibiko, izindaba zokugqabuka kwegoda phakathi kwalezi zithandani, zidalulwe ngomunye wezihlobo zazo.
Ngokusho kwalesi sihlobo uSello uze wakhipha uPearl emzini wabo oseDube, eSoweto emuva kokungabonis ngasolinye ngenxa yobudlelwano bukaSello nabanye abantu besifazane.
Iqhuba lemithombo yezindaba ithe uPearl usagobe amadlangala kubazali bakhe eBramfischerville, eSoweto.
Kulindeleke ukuthi ayohlala emzini awuthenga eminyakeni ewu-13 eyedlule oseBedfordview, Ekurhuleni.
Iqhuba lemibiko ithe akukhona okokuqala lezi zithandani zigejana ngenkulumo njengoba kwake kwenzeka ngoSepthemba owedlule.