ABATHANDI bomculo wezintokazi ezintathu uBoohle, Thee Buhle, noBontle Smith bazothola ithuba lokwazi kabanzi ngazo ohlelweni olusha i-Inside Life: City Girls Are Up, oluzoqala kwi-MTV (DStv Channel 130) ngoLwesihlanu.
UBoohle uzakhele udumo ezingomeni eziningi zama-piano, uThee Buhle ugqame njengoDJ, kuthi uBontle Smith abe ngumculi.
Bazobe bechaza kabanzi ngezingqinamba ababhekana nazo njengoba bezama ukuzakhela igama emculweni.
Uhlelo luchazwa njengethuba elingajwayelekile lokubona okwangempela okwenzeka empilweni yabo. Kuzovela izindaba zabo, izihibe eziba khona nezikhathi zempumelelo ezibenza babe ngamaciko abayiwo.
UMonde Twala oyi-Senior Vice President futhi oyiGeneral Manager eParamount Africa uthe kwaMTV bazibophezele ekugqamiseni izindaba zase-Afrika, ikakhulu ezabesifazane abancane.
“I-Inside Life: City Girls Are Up iqhakambisa amandla abesifazane emculweni futhi inikeza ithuba lokuveza uhambo lwabesifazane abanethalente, abashintsha ikusasa lezokungcebeleka e-Afrika,” kusho uTwala.
Lolu hlelo olubuya nesizini entsha, phambilini lwaveza impilo yoDJ abangamawele iMajor League DJs, nomrepha uK.O.
I-Inside Life: City Girls Are Up izoqala ngoMgqibelo ngoFebhuwari 22, ngo-6 ebusuku kwi-MTV.